Ifike ime imoto empompini wokwetha uphethiloli lana egaraji.

“Sawubona mtakababa, ngicela ungigcwalisela yona, mfwethu,” kusho uThemba ekhuluma nensizwa esebenza egaraji.

Adilike uThemba ayohlala phansi buqamama kunqenqema olugudle izitolo. Naye uSandile adilike angene esitolo azithengele ikani likanemenadi, maqede akhiphe ugwayi azihlalele ngaphandle abheme. Sonke lesi sikhathi ehleli lana ngaphandle uSandile ebhema ubuka uThemba ehleli phansi ethwele izandla ekhanda, egobodisile ebukeka sengathi umhlaba umphelele.

Iqeda ukwetha uphethiloli emotweni insizwa esebenza egaraji bese iyama ibheka kuThemba ukuthi uzosukuma azokhokha. Asukume uSandile ngoba lemoto abahamba ngayo isivimbe imoto engemuva.

“Bhuti wami, ngicela ukuyisusa ngiyipake lana phambi kwesitolo ngoba uthi lena engemuva ifuna ukufutha amasondo kuphela, futhi yilana kuphela okunomoya khona bese silinda lensizwa engihamba nayo uma isikuma nje izoza izokhokha,” kusho uSandile.

Ubafo osebenza lana egalaji ubuka uSandile aphinde abuke noThemba. “Hawu kwenzenjani wahlala kabuhlungu kanjena umfowenu?”

“Lutho akaphilile kahle emzimbeni unesiyezi ngiyabona inyongo kanti ke futhi ubephinde ephalaze,” kuchaza uSandile esenga ezimithiyo.

Kubeyikho ke ukuthi nalensizwa iyayizwa lento ekhulunywa umfo kaMshengu. Ayisuse ngempela imoto uSandile ayimise phambi kwesitolo. Aqhubeke azihlalele abuke uThemba, lapho akamazi ukuthi udliwa yini kangaka ngempela.

Afikelwe umucabango uSandile ukuthi lendoda njengoba ihleli nje, uma ingabafaka ngaphansi kweloli lana emgwaqeni ngenhloso yokuzibulala, kobe kusho ukuthi naye sekumele afe engakafuni. Acabange ukuthi lutho kunganjani anike lomfo imali yokumsusa eNewcastle emletha lana eVolkrust, bese aqala phansi nokufuna eziqhubekayo ngoba uma enganakile uzofela ubala.

Asukume uThemba ame ngezinyawo uma ebona imoto ingasekho lana ayishiye khona uyathuka uyoma. “Kodwa ngivelelwa yini ngempela” kusho uThemba ngokuthuka.

Aqalaze amehlo akhe ahlangane nakaSandile emile emubuka. Akhombe ngomunwe uSandile lana imoto epake khona. Asondele uThemba uma ebona ukuthi sekubambezele yena manje.

Afike axolise akhokhe bese eyabuya eza kuSandile. “Uxole bafo yazi kukhona okuthe ukungiphazamisa nje kancane bengicabanga khona.”

“Kulungile bafo ziyenzeka lezi zinto kodwa mina-”

“Nguwe ongisusele imoto?” kubuza uThemba emungena emlonyeni.

“Yebo mfwethu yimi kukhona imoto ebifuna ukuthela umoya,” kuphendula uSandile.

“Angazi noma uziphethe yini izincwadi zakho zokushayela mina kimi kuyala bafo, uma zikhona ngicela uqhubeke nokushayela usibeke eGoli,” kucela uThemba.

Athule uSandile umubuke. “Lona ucabanga ukuthi ngiyahlanya mina usefuna ukungishayelisa imoto yokwebiwa manje. Ngizothini uma kuwukuthi udliwa ukuthi ubulale umlungu wabantu emuphuca yona lemoto yikho lokhu okumudlayo nje?” Kucabanga uSandile.

Kube sengathi uThemba uyayizwa lemicabango kaSandile. Uthi, “Khululeka mfowethu imoto eyami angiyebile ungazibhekela nawe uma uthanda noma ubize namaphoyisa azoyibheka.”

“Cha nsizwa yakithi nami angishongo njalo,” kuphendula uSandile ngamahlonyana.

“Kunjengoba ubona nje mfowethu umqondo wami ukhungathekile kunenkinga engibhekene nayo, yiyo engiphazamisayo yingakho nje kungathi akushayeleki nakahle,” kusho uThemba.

Athule futhi uSandile. Manje ke uma ngala ukumsiza lomfo bese engena engozini ngizothini ngempela sengigibele enye imoto mina, bese sithola lena yakhe isibheke phezulu?

“Kulungile Mashobane uma usho njalo asiqhubeke nohambo izincwadi zikhona lana esikhwameni,” kuphendula uSandile.

Sitshele umbono wakho: Ukube nguwe osesimweni esinjena ngabe uyaqhubeka ushayelele uThemba?