Nokuzola

Ngihlala embhedeni ngikhale. Ngicabanga ukuthi impilo yami izoba njani ngingasenalo uthando lukaLubabalo. Phela uyena kuphela obesangikhulumisa njengoba abangani bami bengasafuni lutho oluhlangene nami. Kodwa ngingaze ngijeziswe kangaka ngenxa yezinduna, ngenxa yokuba mubi! Kodwa wonke umuntu uyadlula kulesi simo sezinduna ekukhuleni kwakhe. Kungani mina ngedwa ngijeziswe kangaka?

Ngithatha isibuko sami esincane ngizibuke ubuso. Noma ngingasemuhle kodwa ngisengumuntu, abantu kufanele bangibukise okomuntu. Ngizama ukuhleka kodwa akuvumi.

UBaba ufuna kwenziwe umcimbi wokwethwasa ukuze samukele ubizo lokuba isangoma ngamaholidi kaSepthemba. Angiboni ukuthi ngizokwazi ukuyimela yonke le nto. Hheyi, angazi.

NgoLwesihlanu ntambama kufika izangoma zigcwele itekisi. Ziphuma etekisini zicula, zingene ekhaya. Bacula iculo elithi ‘Ithongo Lami’. Bacula ngephupho lami. Kukhala izigubhu, kuyagiywa kuyaculwa. Izangoma zigqoke izingubo ezimibalabala.

Ngiyambona uLubabalo ngaphesheya komgwaqo emile ebuka lokhu okwenzekayo. Ngizitshele ukuthi uzobuka khona ezoxoxela abafundi basesikoleni. Kodwa anginandaba nalokho ngoba namhlanje bonke abantu abasemagcekeni asekhaya bayangijabulela, abanankinga ngezinduna zami.

Ngiyamangala ngibona umgadi wasesikoleni, uBhuti Ncedile, ekhona naye emcimbini wami wokwethwasa. UBhuti Ncedile uhlala ngasekhaya kodwa akalona uvanzi, ngeke umbone ehleli emashibhini ephuza namanye amadoda asendaweni, kodwa namhlanje uyaphuza. Kuyangijabulisa ukumbona ngoba ungumuntu onomoya ophansi, uhlale ezihlekela nje. Ngijabula kakhulu lapho ekhumula izicathulo eshaya indlamu kuchazeke wonke umuntu.

Izangoma zingitshela ukuthi ngigcobe umuthi omhlophe ebusweni, ezingalweni nasemilenzeni. Ngitshelwa nangemithetho okumele ngiyilandele njengoba ngethwasa nje. Kusukela namhlanje ngizolala phansi, hhayi embhedeni, ukudla ngizokudla ngezandla, hhayi ngemfoloko noma isipuni, futhi ngizogeza ngamanzi abandayo kuphela. Angazi noma ngizokwazi yini ukuyilandela le mithetho, kodwa ngizozama.

NgoMsombuluko esikoleni uLubabalo uyaqinisekisa ukuthi singasondelani. Uyakuqinisekisa nokuthi ngiyambona ehamba namanye amantombazane. Ngendlela anenhliziyo embi ngayo uze anike ama-hugs amantombazane awaziyo ukuthi angizwani nawo.

UBusisiwe usondela ki-umina nge-break acele ukungixhawula. Ngiyamangala, ngingakholwa, kodwa ngizitshele ukuthi mhlawumbe uyazisola ngendlela angihlukumeze ngayo. Ngisondeza isandla asibambe asiqinise. Ngesinye isandla sakhe ugqashula inkinobho yeshethi lami esihlakaleni. Konke lokhu kwenzeka ngokuphazima kwehlo. Ingalo yami ivela obala, kuvele ubuhlalu bami. Ngiyazama ukudlubulundela kodwa uBusiswa ungibamba aqinise, abize abangani bakhe nabanye abafundi ukuthi bazobona ubuhlalu bami. Inhliziyo ishaya ngamandla, amehlo agcwale izinyembezi, angisaboni nakahle. Bayangihleka. Uyangidedela ngiwe phansi. Isihlathi sami siwela ezinyembezini. Ngibona izinyawo zabafundi abaningi zibaleka, bayagigitheka.