Kungena uVusi ngejubane esigodlweni senkosi. Uphethe imvilophu esandleni.

“Ndabezitha! Nansi incwadi evela enkosini yakwaNdaba.”

“Inkosi yakwaNdaba?”

“Impela, wena wangasenhla.”

“Awuyivule uyifunde,” kusho inkosi.

Ngibingelele kuwena wangasenhla, umeluleki wesigodlo, kanye nesizwe sonke samaQadi.

Indodana yami uFalakhe ithi isikulungele ukulwa nenkunzi ukuze ikwazi ukushada noThobile. Indodana yami isizilolonge ngokwanele ukuthi ingabulala inkunzi.

Ngiyethemba uzosamukela isifiso sethu.

Ozithobayo.

 Inkosi yakwaNdaba

“Into ezothiwami le?” Kubakaza umeluleki wenkosi, uPholonjane.

“Lomfana ngempela ufuna ukulwa nenkunzi ehlanyayo ngenxa kaThobile?” kubuza inkosi.

“Angeke kwenzeke lokho. Thina savumelena nabantu bakwaDladla ukuthi sizoganiselana nabo,” kusho uPholonjane.

“Ngikwazi kahle lokho futhi angisikhohliwe isinqumo sami.”

“Mina ngibona ukuthi asivume uFalakhe alwe nenkunzi. Vele ngeke asinde. Iyahlanya phela leyankunzi. Izomdabula amathumbu ngezimpondo esathi uza nomkhonto.”

“Impela kuzomele ngibavumele ngoba uma nginqaba kuzokwakha udweshu phakathi kwalezi zigodi zombili. Futhi ngizobukeka njengomuntu ongenalo iqiniso uma ngenqaba ukuthi uFalakhe alwe nenkunzi.”

“Impela angeke sikwazi ukulwa noNdaba ngoba mningi kakhulu futhi ungasimboza.”

Inkosi iyavuma. Kuthunyelwa isigijimi esigodini sakwaNdaba. Ijabula kakhulu inkosi yakwaNdaba uma izwa lezi zindaba. Kuqhubeka izingxoxo, luphume usuku lwempi phakathi kwenkunzi ehlanyayo noFalakhe.

Ngosuku lwempi kuhleli isigodi samaQadi esandleni sokudla. Kanti esandleni sokunxele kuhleli isigodi sakwaNdaba. Amabutho aphelezele uFalakhe athe wathalala phansi, azomupha isibindi. UFalakhe ulokhu egiya edunusela inkunzi. Ugiya asondele kuyona. Ugiya aze asikaze ukuyigwaza inkunzi. Kuyachwaza uma uFalakhe esikaza inkunzi. Inkunzi yona ibheke le iboshelwe esihlahleni, idla utshani.

Umfana owelusa izinkomo usondela ngokucophelela esihlahleni, aqaqe intambo okuboshelwe ngayo inkunzi. UFalakhe uthatha igxathi elilodwa ahlehle. Iyaphenduka inkunzi ibuke uFalakhe. Iphanda ngenqina phansi kubheduke uthuli. Inkunzi iphuma icibile ezintulini; iqonde ngqo kuFalakhe. Kuthi lapho isisondele kuyena azame ukuyigwaza ngomkhonto. Uzama ukunemba entanyeni kodwa inkunzi ishesha kakhulu; uthi uyagwaza athole ukuthi isidlulile inkunzi. Ngenhlanhla usuka ngokushesha endleleni, uphondo limuncwinta esiswini. Inkunzi idlula igcine imile buqamama enkundleni. Iyaphenduka, ime, ibuke uFalakhe.

“Falakhe! Falakhe!” kumemeza wonke amabutho.

UFalakhe uzizwa enomfutho kakhulu. Uthi nhla, nanguya uThobile emuhle kakhulu kunakuqala njengoba egqoke umgexo wobuhlalo. Uvele abone ukuthi impela kuzomele ayinqobe inkunzi ukuze ashade lesiphalaphala senkosazane.

UThobile yena akafuni ukuthi uFalakhe anqobe ngoba amehlo akhe abheke kuBhekani. Futhi uyazi ukuthi noma enqoba uFalakhe uyise angeke avume ukuthi bashade. Indaba yokulwa nenkunzi wayezisholo nje enzela ukuba izinsizwa lezi zidikibale. Nakho ke isilima esinguFalakhe usefuna ukulwa nenkunzi ehlanyayo!

Nanguya uFalakhe ujuluke umanzi ushaya ihawu lakhe, uyagxumagxuma. Inkunzi isuka icibile ingasaboni emehlweni. Ngokuphazima kweso uphondo lukhala ezimbanjweni kuFalakahle, kube ngamanaphanapha. Inkunzi imhlaba esiswini iqede imphakamise emoyeni. Kucacela wonke umuntu okhona ukuthi uFalakhe useshonile esandiza emoyeni.

Kuthuleka du enkundleni okwesikhashana. Emuva kwemizuzwana kuzwakala isililo sabesizwe sakwaNdaba sigcwala enkundleni. Phela bametha ngokuthi nguFalakhe ngoba nguyena owayezoba yindlalifa yobukhosi kwazise phela kwakunguye yedwa umfana. Phela isizwe sasithembile ukuthi uFalakhe uzonqoba kanti ababuzanga elangeni.

Kugawulwa izintingo, kwenziwe inqola. Yibo labaya abesizwe sakwaNdaba bephuma ngesililo belandela inqola ethwele inkosana yobukhosi, uFalakhe. Inkosana idele ukufa ngoba ifuna uthando lwenkosazane. Hayi baqinisile uma bethi uthando aluboni!

***

Sitshele Umbono Wakho: Ngabe umangele – ubucabanga ukuthi uFalakhe uzoyinqoba inkunzi?