Bathi umona usuka esweni ngempela! Ziyasondela izinsuku zomshado. Omama balokhu belilize njalo behalalisela indodakazi yenkosi.

“Lilili! Kwakuhle kwethu!”

Phela sekuqala ukugcwala ebukhosini. Ngisho izihlobo ezisuka kude sezifikile ukuzobungazela inkosi. Amanye amakhosi athumele abantu abasizayo ukuthi bezolekelela njengoba kuzoba nomshado.

Kugcwele kuthe shiqe endlini kalawondi. Abantu bayajuluka bayaqathaza endlini. Kuvalelwene ngengoma, abantu bajabulile. Phela bafunda indlela abazosina ngayo ngosuku olukhulu. Abanye bayahhema phela sebedle amanzi amponjwana. Kuthi kusenjalo naba banye sebezwana amandla emnyango. Kube ngububhudubhudu ke manje sekulanyulwa bona. Yeyi imisebenzi yotshwala!

Nakhu phela uThobile usekhala ngekhanda elingapheli. Bazama ukumubhemisa ugwayi wamakhala bethi bayalidamukisa kodwa lutho ikhanda. Ziyasondela izinsuku zomshado. Kuyamuqinisa ukugula uThobile – nakhu ngoba akasakwazi nokukhuluma manje.

Kubizwa uNzimande, inyanga yendawo. Phela uNzimande lo ubatshazwa yonke indawo. Abantu basuka ezindaweni ezikude beze kuyena. Abanye baze balale khona ngenxa yokuthi abalutholanga usizo ngosuku abafike ngalo ngoba kuyagcwala. Nebala afike uNzimande, achithe amathambo. Uthula isikhathi eside ngaphambi kokuba asho ukuthi amathambo athini.

“Vumani bo!” kubhavumula uNzimande

“Siyavuma!”

“Athi amathambo umthakathi ukhona la ekhaya. Umntwana wathola umeqo emnyango!” Kusho uNzimande. “Vumani bo!”

“Siyavuma! Ingabe umakhosi uyazi ukuthi ngubani lowo muntu othakathayo?” kubuza inkosi.

“Angiboni kahle! Kumnyama, nkosi yami! Lomuntu unomuthi omubi kakhulu!”

“Manje makhosi ingabe indodakazi yami izosinda?” kubuza uMaNgema ehlengezela izinyembezi.

“Yebo, umntwana ngizokwazi ukumelapha kodwa inkinga ngukuthi lomthakathi angeke ayeke ukugila lemikhuba yakhe. Ngakho kuzomele ngenze umhlahlo. Ngifuna ukumkhomba emini bebade lomthakathi!”

Inyanga enguNzimande ixilonga uThobile. Kugcwele umunyu ngoba uThobile ulele udindilizile phansi. Angeke usho ukuthi lomuntu usaphefumula. UNzimande ubeka amanzi emlilweni, aqale atshobhe uThobile. Izitho zikaThobile zivuvukele zidumbile. Ngenkathi bemtshobha kuphuma igazi elimnyama. Iyavuma inkosi ukuthi wenziwe umhlahlo.

Inkosi ibiza wonke amakhosikazi ayo kanye nabo bonke abantu abasebenza isigodlweni. Kukhona ngisho nezingane ezincane imbala. UNzimande uqala ngokushisha impepho. Emuva kwalokho ufaka izitaputapu. Uzungeza indlu yonke, ehamba eshaya wonke umuntu ngeshoba. Nangu esondela eduze kukankosikazi wesibili, uMaMsweli, amshaye ngeshoba.

“Nangu umthakathi!” kusho uNzimande.

Kubabaza wonke umuntu endlini. Babodwa amangumuzelayo bengazwakali ukuthi bathini. Inkosi ayibange isacucuza.

“MaMsweli! MaMsweli qoqa konke okungokwakho aphume aphele emzini wami!” kusho inkosi.

Uzama bandla ukuxolisa uMaMsweli kodwa kunhlanga zimuka nomoya. Kuthi ezama ukuguqa ecela uxolo inkosi ibize izigijimi.

“Mkhipheleni ngaphandle lo mthakathi! Angifuni ukuphinde ngimbone emagcekeni ami!”

Khona kuyadabukisa ukubona unkosikazi wenkosi obehlonishwa esexoshwa kabuhlungu kanjena. Umsebenzi kaNzimande uyabonakala. Nakhu ngoba uThobile useyakhuluma. Emuva kwezinsukwana usekwazi ngisho ukuzifunza ukudla. Kuthi benganakile nje babone esezihambela. Usungamuphikela ukuthi nguye lona ogule wacishe washona.

***

Ilanga libavumile namuhla. Liphume saka! Nazi nezinyoni zicula la ngaphandle. Limusinda kakhulu ikhada uBhekani ngoba namuhlausuku lwakhe lomshado. Kuthi esalele ebheke phezulu kanjalo avuswe ngumzala wakhe, uThemba.

“Usalele ndoda? Uyoze ufike emuva kwesikhathi emshadweni wakho!” kusho uThemba emhlubula ingubo.

Aqhubeke uThemba, athi, “Bhekani ngiyazi ukuthi ukushona kukamngani wakho kusakusha. Kodwa kuzomele uqine ndoda yamadoda. Namuhla yilanga lakho elikhulu. Kufanele uncibilike nawe kubonakale ukuthi uyashadelwa namuhla!”

“Themba, akulula njengoba wena usho,” kusho uBhekani.

“Mzala, qina akuqali ngawe akugcini ngawe,” kusho uThemba emqinisa idolo.

“Ngiyezwa nsizwa yakithi. Awuthi ngivuke ngizilungiselele.”

Kuba ukuphuma kukaThemba, lubuye usizi. Co co co izinyembezi kodwa ukukhala angeke kusamsiza manje. Akusekho ukubuyela emuva. Yize ngaphakathi ezwa sengathi akayeke kodwa angeke esakwazi ngoba nansi ingoduso yakhe imlindile.

 ***

Sitshele Umbono Wakho: Ubona ukuthi uBhekani wenza into efanele ngokuqhubeka nomshado?