Isikhathi Esizayo: Ngelinye ilanga ngeSonto ekuseni, ngo-Febuwari 2013, ngemva kwamahora athize nje u-Dwight echithe ubusuku bakhe bokuqala no-Glenda

U-Dwight, ungqondongqondo wegciwane le-Dweebo, uhlezi efulethini lakhe elimnyama ugqolozele izindonga.

“Kodwa yini le engiyenzile?” ulokhu ezibuza ngokuphindaphindiwe. “Manje kuzokwenzakalani kimi?” Usizi olukhulu lugcwala inhliziyo yakhe kuyilapho ilanga lishisa ngaphandle ngeSonto ekuseni.

Njengengane encane ethukile, wasikhipha isililo.

*****

Isikhathi samanje: Febuwari 2013

Namhlanje uMgqibelo ebusuku. Ilanga lingena endlini ka-Glenda, eliyishintsha ibukeke njengombala obomvu okusagolide. U-Dwight ungqongqoza emnyango wakhe, ecabanga ukuthi uzofa injabulo.

Nakhu kuqhamuka u-Glenda egqoke igawuni yakhe eyisilika eluhlaza okwesibhakabhaka. Emuhle kunanini ngaphambili. Ukhipha isandla sakhe, uthatha imali yakhe ngaphandle kokucabanga kabili. Bese eyifaka ekhabetheni lakhe. Bese ethi, “Ubani igama lakho, sthandwa?”

“Ngu-Dwight, kuphendula u-Dwight ngaphambi kokucabanga. Ukuphila kwakhe konke, uyalizonda igama elithi ‘Dwight’. Futhi manje, lizwakala lilibi nakakhulu futhi lisho ubulima kunanini ngaphambili.

Kodwa u-Glenda uvuma ngekhanda bese eyamomotheka. “Aah, Dwight!” kusho u-Glenda. “Igama elihle lelo. Angithi kwakukhona uMongameli wase-Amerika owayebizwa ngokuthi u-Dwight, akunjalo?”

Ngokushesha nje igama lakhe alisekho libi noma libonise ubulima, njendlela u-Glenda eselibiza ngayo. Yiqiniso. Kwakungu-Dwight Eisenhower. UMongameli wamashumi amantathu nane.”

Uthando lwakhe ngo-Glenda luya lukhula nakakhulu. U-Glenda uthatha isandla sakhe bese emyisa ekamelweni. Kukhanyiswe amakhandlela, futhi kunombhede onesembozo sosatini. U-Dwight uzama ukungacabangi ngawo wonke amadoda awake alala kulo mbhede.

Cha. Uzokwenza sengathi u-Glenda uyaqala ngqa – njengoba naye eqala ngqa.

“Woza ke, sthandwa. Gibela embhedeni,” kusho u-Glenda. Esho ekhipha isembozo sombhede. Amashidi angumbala omsomi okhanyayo. Ayabanika futhi ayacwebezela ekukhanyeni kwamakhandlela.

Kancane ukhipha izibuko zika-Dwight bese ezibeka etafuleni eliseceleni kombhede eduze newashi elikhulu le-alamu.

Futhi isikhathi sabo bendawonye saba yikho konke – yikho konke – lokho u-Dwight ake wakufisa. Ujabulile ngokuphelele. Wonke umsebenzi wakhe onzima kulephithophu awuzange ube yize.

Ekugcineni wambamba ezingalweni zakhe. Wagqabuza isiphongo sakhe njengoba u-Glenda elele ngekhanda esifubeni sakhe.

“Nakanjani manje uzoba ngowami kuze kube phakade”? esho ecabanga? Ngeke esaba namanye amadoda. Hhayi ngemva kwalokhu. Empeleni, kumele abone indlela engimthanda ngayo!”

Mhlawumbe kuzoba khona umntwana? U-Dwight, uyaqala ukubona izinto ngeso lengqondo. Cabanga nje! Intombazanyana enhle efana no-Glenda? Noma indodana ezokhula ibe ungqondongqondo njengobaba wayo? Bangaba umndeni, bebathathu kuze kube nini nanini.

U-Glenda uyavuka, afake igawuni yakhe eluhlaza okwesibhakabhaka. “Kulungile, sthandwa! Ngisayophuza ijusi yewolintshi ekhishini. Lo msebenzi uyomisana! Ngingakulethela okuthize? Ubhiya? Amanzi aneqhwa?”

Kodwa u-Dwight unikina ikhanda lakhe. Ubukela u-Glenda njengoba ephuma ekamelweni. Mhlawumbe uma u-Glenda ebuya, uzomcela ukuthi amshade? Ikakhulukazi manje ngoba usenemali.

Ekukhanyeni kwekhandlela ubona iwashi etafuleni eliseceleni kombhede lithi isikhathi ihora lesibili ekuseni. Ihora lesibili ekuseni! U-Dwight akakholwa ukuthi isikhathi sesihambe kangaka. Sekusele amahora ambalwa nje futhi kuzobe sekusile! Kumele ambuze ngendaba yeSonto ebusuku, ngokushesha nje uma ebuya ekhishini.

Kodwa ube eseqaphela incwadi egoqiwe eceleni kwewashi. Ufaka izibuko zakhe. Uyifunda, ekukhanyeni kwekhandlela. Ikheli libonisa ukuthi iphuma esibhedlela sase-St Mary.

Ithi:

Sawubona Nksz. Motubudi
Siyajabula ukukwazisa ukuthi ukuhlolwa kwakho kubonise ukuthi awunaso isifo se-AIDS (-).

Futhi ngezansi ngomaluleke bamaphoyinti angu-8 we-Century Gothic kubhalwe igama elithi: Dweebo.

Isiphetho

***

Sicela umbono wakho? Ungaphawula uthini ngale ndaba?