Isikhathi Esizayo: Ekupheleni konyaka ka-2013

EZIHAMBA PHAMBILI

UMnz. Moganana, i-CEO yebhange yasezweni lonke, ube nengxoxo yemibuzo namhlanje ekuseni. Uya waphika ukuthi igciwane le-Dweebo lithinta amamakethe ezimali emhlabeni wonke.

UMnz. Moganana uthe, “Nginganiqinisekisa: ukuthi ukuwohloka komnotho kwamakhulu ama-21 kuphelile. Sibheke phambili ezikhathini eziqhakazile.”

Lapho ebuzwa ukuthi igciwane le-Dweebo liwathintile yini amasistimu wezezimali, uthe, “Izinhlangano zethu zezezimali zivikelwe ngokuphepha okuyinkimbinkimbi. Asikho isigelekeqe samakhompuyutha esingakwazi ukudlula izivimbela zethu, ntokazi yakithi! Asinakwehlulwa!”

*****

Isikhathi samanje: Januwari 2013

“Ayikho inkinga,” u-Dwight utshela u-Glenda. Kusasele izinsuku ezinhlanu ngaphambi kokuthi kube uMgqibelo.

Ube esebuyela efulethini lakhe, ecabanga ngothisha wakhe owayemfundisa ikhompuyutha. UMnz. Richards wayehlale emtshela ukuthi unengqondo yokwenza izinto zenzeke.

U-Dwight ufika emnyango wakhe wangaphambili ngokushesha nje wacabanga. Yikho khona lokho! Kwaze kwalula! Kunengqondo!

“Vese nje ushintshe izimpawu!” esholo phezulu. Hewu! Shintsha izimpawu zokwesula zibe ezokuhlanganisa kanjalo nezokuhlanganisa zibe ezokwesula. Ingaba nzima kangakanani kodwa leyonto? Lokho kuyosho ukuphela kwesikweletu sakhe. Uzoba nemali eyanele yokuchitha ubusuku obuyizinsuku eziyisikhombisa no-Glenda. Eziyisikhombisa! Nakanjani naye u-Glenda uyobe esemthanda?

U-Dwight uhlala phansi ephethe ilephuthophu yakhe, uxhuma ku-Intanethi. Uyayizwa ingqondo yakhe ikhazimula ngenxa yamacebo. Ikhazimula futhi icwebezela njengephepha legolide loshokholethi.

“Ithi ngiprakthize kuqala!” esho ecabanga. “Yebo, ngizongena ngobugelekeqe kuleya suphamakethe kuqala. Zama bese ungenisa igciwane kwinkumbulo yalapho. Kuzobafundisa isifundo lokho, ngoba bavumela abasebenzi basemathilini babe luhlaza! Abangivumeli ngithenge oshokholethi ngenxa nje yokuthi ngishodelwa amasenti ayishumi nanhlanu angasho lutho!”

Imini, nobusuku, u-Dwight umatasa: ecindezela izinkinobho, esusa, ezama izindlela ezahlukahlukene. Ukhohlwa ngisho nokudla isidlo sasebusuku. Akasaboni ngisho noma sekuba mnyama kakhulu egumbini lakhe ngoba sekusebusuku kakhulu.

Isistimu yokuphepha yasesuphamakethe ingamanzi amancane kuye. Ungena kuyo nje ngokusineka okukhulu. Ingxenye enzima ukufihla igciwane lakhe, ukulembela ngokujulile kwisistimu, ukuze kungabi khona omunye ungqondongqondo we-IT ongakwazi ukulenza lingasebenzi.

Ngehora lesine ekuseni, wayeseqedile. Ngaphandle kokuthi afake isiginesha.

“Kumele ngisayine umsebenzini wami! Lolu hlelo oluncane, luyingcweti. Ingcweti ihlale njalo isayina umsebenzi wayo.”

Kodwa phela u-Dwight akasebenzisi igama lakhe langempela. Akafuni ukuthi naye agcine esetilongweni njengoMnz. Richards. Kunalokho, esebenzisa omalukeke bamaphoyinti angu-8 we-Century Gothic, uthayipha igama elithi Dweebo.

Bese eyazumeka khona lapho kulephuthophu yakhe.

Igciwane lenza imibhikisho kunethiwekhi yesuphamakethe, lizikhiqiza kabusha, lingena ngokujulile nakakhulu. Ngokushesha nje wonke amasuphamakethe athintekile: kusuka e-Disaneng kuya e-De Aar kuze kufike eThekwini. Lithola imbobo bese lingena kumasistimu wezinye izitolo zokuthengisa.

Lapho u-Dwight ephaphama, uyagxuma, esagqoke zona izingubo zayizolo. “Manje isikhathi sokuthi ngihlole umsebenzi wami!” Ulibhekisa esuphamakethe.

***

Sicela umbono wakho: Uzotholani u-Dwight esuphamakethe?