Azihudule aqoqe amasakana akhe uNothando. Khona akukuningi okumele akuqoqe. Phela uhlubukile akanazo izimpahla zokugqoka. Naye uXolani uyahluleka ukumunakekela ngoba akasebenzi. Ukuhlala kwabo ndawonye kwenza ukuthi baqale behhahhame abantu abaphosa ukudla esakeni. Bethi ngeke bondle uXolani kanye nentombi yakhe. Ngakho oyedwa kubona kwakumele azihudule athole umsebenzi.

 Wazihudula uNothando wafuna umsebenzi. Wathola umsebenzi wokuwasha izitsha. Abaphathi bakhe bahlela imicimbi eyahlukahlukane. Ngakho uma abantu sebeqedile ukudla yena uqoqa lezo zindodla zezitsha aziwashe. Kokunye kuyenzeka aze abuye ezintatha ngenxa yobuningi bezitsha.

Nebala aphume ahambe. UXolani yena uhlezi phezu kombhede uyabhema ngapha udlala umculo. Futhi lomculo wakhe ukhombisa ukuthi uyakujabulela ukuhamba kukaNothando.

Ekuxoshweni kwakhe kumele abuyele emjondolo wakubo. Phela ekushoneni kukanina ukhuliswe ngugogo. Emuva kokushona kukagogo odadewabo bakanina bamthatha wazohlala nabo eThekwini. Impilo ayihambanga ngendlela ayefisa ngayo. Odadewabo bakanina babengenandaba naye. Into eyayibalulekile kubona izingane zabo. Ngezinye izinsuku wayelala engadlile. Impilo yayithembisa ngenkathi ecoshwa nguXolani ezohlala naye kubo kanti akabuzanga elangeni.

UXolani unolaka olumangalisayo. Ucasulwa into encane akhulume kuze kuse. Ngezinye izinkathi ubona izinto ezingekho uma esevukwe isikhwele, kodwa uNothando uyabekezela ngoba ethi uzoshintsha.

Nanguya uNothando enyukena emijondolo yaseZidindini. Lendawo igcwele ukungcola. Uthe engena endlini babukana emehlweni uZama noNompilo, abangodadewabo banina. Bajabuliswa ngukuthi uthando lumhlulile usebuyela ekhaya. Abamfiseli okuhle.

“Sekukuhlulile ukukipita?” kubuza uZama ngokubhuqa.

“Yini isoka lakho seliqonyiwe?” kunanela uNompilo ehleka inhlinini.

Akazange esaphendula uNothando. Aqonde kusofa alale abheke phezulu. Base buzofika ubuthongo ngenkathi enhlatshwa izipilingi zikasofa.

“Ufike kabi ngoba nginesivakashi ngizocela ungiphumele,” kusho uNompilo

“Kodwa anti ngizolalaphi?”

“Nothando awuyona inkinga yami wena. Kodwa ngoba nginomusa uzophuma isikhashana bese uyabuya uma sengiqedile engikwenzayo.”

“Kulungile,” esho ephuma amehlo engcwele izinyembezi. 

Nebala aphume abone kungcono athi ukuhamba kancane ngoba kuyabanda emnyango. Nakhu esezithela kumngani wakhe uNonhlanhla. UNonhlanhla naye usesimweni esicishe sifane nesakhe kodwa yena ungcono ngoba ulala edlile. 

“Nothando uyaphi ebusuku kanjena?”

“Ngiyothenga esitolo mngani.”

“Isitolo lesi osishiya ngemuva?” kubuza uNonhlanhla ebona ukuthi uqamba amanga.

“Kunzima mngani,” esho esikhihla esikaNandi.

“Kwenzakalani ngicela ukhulume nami. Asingene endlini.”

UNonhlanhla afike amenzele itiye kanye nokuya ethunjini. Usizi lubonakala ebusweni kuNothando.

“Ngelinye ilanga uzophuma kubo bonke lobuhlungu,” kusho uNonhlanhla emumbambatha emhlane.

“Konke lokho kubukeka kuyinganekwane njengamanje,” kuphendula uNothando ngosizi.

“Mina ngibona kungcono ulungise izifundo zakho zikamatikuletseni.”

“Kodwa sizongisiza ngani isikole mngani? Baningi abantu abafundile abangasebenzi.”

“Esikhathini samanje ayikho into ebaluleke njengemfundo. Ngisho ukukolobha phansi sekudinga isitifiketi. Uma uxoshwa lapho osebenza khona uzoqashwa kuphi ungafundile?”

“Uqinisile yazi ngizoya esikoleni ngiyofuna ifomu lokubhala uma sekuzophela unyaka.”

“Nazoke, ukuze uzame nawe ukulungisa impilo yakho ngoba uyabona umndeni wakini awukugqiziqakala futhi noXolani naye uzibuka ngawe.”

“Ngiyabonga ngokudla kanye nesikhathi sakho. Kumele ngibe yindlela.”

Sitshele umbono wakho: Uthini ngesiluleko UNonhlanhla asinika uNothando?