Ngagijima ngangena egcekeni, ngavula umjondolo oyigaraji. Ngajeqeza esibhakabhakeni. Indiza enophephela emhlane yayindiza kude esibhabhakeni, ukukhanya kwayo kukhanyisa phansi lapho kwasekukhanya khona amalambu oluhlaza okwesibhakabhaka kanye namanye abomvu. Ngabona ukuthi nakanjani kwakukhanya kuyona impela lendawo esasikade sibambe khona inkunzi futhi kwasekukhona amaphoyisa kanye nama-ambulensi.

Ngakhumula i-overall kanye namabhuzu, ngagijima ngabuyela kwi-double cab emhlophe, ngathatha amateku ami ngawagqoka. Ngajikijela i-overall kanye namabhuzu esikhenkeni, ngagijima ngabuyela kwi-double cab empunga esemjondolo oyigaraji, ngaphuma ngayo ngesivinini esiphezulu. Amalambu amkhanyisa bha uMdu ngesikhathi ngiyimisa phambili kwe-double cab emhlophe. Ngaphuma ngokushesha ngiqonde kuMdu.

“Kufanele yonke imali yonke siyifake eskhwameni esingenalo igazi, Mdu. Bobabili obhaka banegazi, ngizoyikhipha siyifake kwesinye isikhwama esisodwa khona sizobaleka nesikhwama esi-clean!”

Ngathatha isikhwama esisehlalweni esingemuva, lesi uMdu asivula wangikhombisa amaAK 47 ngesikhathi sisaseUmlazi. Ngafica inhlekelele esihlalweni sangemuva. Izingcucu zikaPadlock – igazi, izicubu zenyama – zazisaphazekile esihlalweni.

Ngathatha i-overall engagisanda kuyikhumula, ngayigoqa ezandleni zami. Ngavula ubhaka engawuhlwitha uPadlock. Ngakhipha imali ngobunono kubhaka, ngicophelela ukuthi imali ingathintani negazi elalingaphandle kubhaka. Ngasheshisa ngaqeda, ngaphuthuma kuMdu esihlalweni sangaphambili. Ngathola ukuthi uwavalile amehlo.

“Mdu! Mdu!” Ngamnyakazisa ngimememeza.

Wavula amehlo, wanikina ikhanda, kwehla unyembezi olulodwa esihlathini.

Ngathi, “Mdu, ngidinga ubhaka wakho!” Ngangibuka yena, ngiphinde ngijeqeze esibhakabhakeni ngibheka indiza enophephela emhlane. “Sizoyishisa le-double cab ngoba iyona enobufakazi. Usakhona no-petrol esikhenkeni.”

Wanikina ikhanda uMdu. Ngasondeza isandla kubhaka wakhe. Waqinisa isandla uMdu, wasondeza ubhaka wakhe esifubeni sakhe.

“Mdu! Mdu! Dedela ubhaka!”

Wahayiza wathi, “Chaaaa!” Wayehefuzela ngesikhathi ethi, “Ufuna ukuthatha imali yami ungishiye? Ngeke ngikudedele uthathe imali yami, Spha, ngoba uzongishiya la uma usuthole imali. Ngeke, Spha.”

“Mdu! Kwenzenjani manje? Ukhuluma ngani?”

Ngajeqeza esibhakabhakeni. Ngabona ukuthi amalambu aluhlaza okwesibhakabhaka ayanyakaza, ayasuka endaweni esasibambe khona inkunzi.

“Hhayi bo Mdu! Kufanele sihambe! Dedela ubhaka!”

Wanikina ikhanda uMdu. Ngangizimisele ukuba imoto esizobaleka ngayo ingabi nelincane igazi. Ngathatha enye yama-overall asesikhenkeni, ngayigqoka kanye namabhuzu nama-glove. Ngadonsa uMdu, ngamkhipha esihlalweni sangaphambili. Wahayiza isimayemaye ngenxa yezinhlungu kodwa waqhubeka nokubamba ubhaka wakhe njengoba ngangimuhudula. Angikaze ngibone umuntu opha njengoba kwakopha uMdu.

Ngamhudula sasondela kwi-double cab empunga kodwa ngangamufaka kuyona. Ngamhudulela otshanini obude eceleni komgwaqo. Ngagijima ngaphindela kwi-double cab emhlophe, ngathatha ijazi ayekade eligqokile sisuka eMlazi. Ngathela u-petrol ngaphakathi kwi-double cab emhlophe ngabuyela kuMdu ngiphethe ijazi. Ngajeqeza esibhakabhakeni ngibheka indiza enophephela emhlane. Ngabona ukuthi iyanyakaza, isondela ngakuthina.

“Dedela ubhaka khona ngizokusiza ugqoke la, Mdu.” Ngamkhombisa ijazi engangiliphethe esandleni. “Sizomboza inxeba ngalokhu ukuze sivale ukopha.”

Angiwagwinyanga amazwi, lakhondama ikhanda lakhe. Kwaphuma umsindo unyantisa igazi, ozwakala sengathi ukuhonqa. Wathula du, ngabona ukuthi usefile. Ngamhudula kancane, wasithela ngokuphelele otshanini obude. Ngadonsa ubhaka eyasawubambile kodwa ngathola ukuthi amandla ayebambe ngawo ayemakhulu ekufeni kunasekuphileni.

Ngakhumula i-overall, amabhuzu kanye nama-gloves ngaphonsa konke ngaphathi kwe-double cab emhlophe. Ngavuvuzela u-petrol, ngayithungela ngomlilo. Ngagijima ngangena kwi-double cab empunga, ngayihlehlisa, ngayishaya. Ngayimbembethela kakhulu, ngangena phakathi kwezwe.

Ngabona amalangabi egijima ngaphakathi kwe-double cab emhlophe. Ngacima amalambu, ngayinyathela kakhulu kunakuqala. Ngazitshela ukuthi noma amaphoyisa efika ethola iveni evuthayo kuzothatha isikhathi ukuba abone ukuthi ngibaleke ngenye imoto.

Yebo, ngamshiya efile uMdu otshanini obude eceleni komgwaqo owubhuqu. Wayewusawugodlile esifubeni ubhaka ogwele imali yakhe.

***

Sitshele umbono wakho: Uyamehlulela uSpha ngokushiya isidumbu saMdu?