“Linda! Usefikile uMpilo egaraji!”

“Awuthi ngibone,” kwasho uLinda.

Ngamunika izipopolo.

“Damn bastard!” kwasho uLinda.

Wanginika izipopolo, wathatha umakhalekhukhwini waciphiza izinkinobho.

“Ima kancane, sthandwa sami. Asilinde!”

“Silindeni manje, Spha?”

“Awume kancane ngokufona!”

Ngabukisisa uMpilo ngezipopolo. Wayezihlalele emotweni. Ngabona kuphuma ifu ewindini lomshayeli.

“Hhayi ngeke ngiyawafonela manje mina amaphoyisa!”

“Cha! Awulinde kancane!”

UMpilo waphuma emotweni, walahla ugwayi phansi, wawunyathela. Ngambona ebuka kwenye indawo egaraji, ephakamisa ikhanda sengathi kukhona umuntu ambingelelayo. Ngahambisa izipopolo ngibheka ukuthi ubani lona ambingelelayo. Ngadideka ngoba kwakhukhona abantu abangabelungu namandiya kuphela egaraji.

Akuphelanga mizuzwana emihlanu kwangena itekisi, yathela uphethiloli. Umshayeli wetekisi wabuka ngalapho kwakume khona uMpilo, wanyakazisa ikhanda sakubingelela. Itekisi laline- number plate yaseMlazi. Yaqeda ukuthela uphethiloli itekisi, yasuka yama buqamama nalapho kwakumi khona uMpilo. Kwavuleka i-sliding door setekisi, kwaphuma indoda. Kwakukhona into equmbile okhalweli kulendoda. Nakanjani kwakuyisibhamu lesi esasiqumbile.

“Sebefikile! Kukhona itekisi ehambisana noMpilo! Fonela amaphoyisa, Linda! Uwatshele ukuthi kukhona amadoda asolisayo aphethe izibhamu egaraji. Uthi-”

“Khululeka, Spha. Ngiyazi ngizothini,” kwasho uLinda.

Ucingo lwe 10111 labanjwa lusakhale kane kuphela. Ngabona ubuso bukaLinda bushintsha bugcwala umunyu. Izwi lakhe lagcwala ukuvevezela kokwesaba.

“Ngicela nithumele amaphoyisa egaraji i-Shell eceleni kwaseGateway Shopping Mall!” kwahayiza uLinda. “Kukhona amadoda aphethe izibhamu! Afuna ukuphanga igaraji! Sheshani bo! Shell garaji eGateway! O nkosi yami baphethe izibhamu labantu! Bahamba ngetekisi emhlophe i-number plate yakhona iqala ngoNUZ nenye imoto emnyama eyiMercedes Benz!”

Waluvala ucingo uLinda. Wangibuka, wamamatheka.

“Bekunjani lokho, Spha? Ngenze kahle?” kwabuza uLinda.

“Wenze kahle kakhulu, sthandwa sami!”

Amaphoyisa atheleka egaraji i-Shell emuva kwemizuzu emihlanu. Aqhamuka nhlangothi zonke, abathelekela ngokuphazima kweso. Aqhamuka ephethe izinhlokohlela zezibhamu. Ngahambisa izipopolo ngabuka emotweni kaMpilo. Amaphoyisa amabili ayesemlalise phansi. Apequlula emotweni yakhe ngokushesha aphuma nesibhamu esincane kanye nesikhulu. Basho ozankosi kuMpilo.

Ngahambisa izipopolo ngabuyela etekisini. Amaphoyisa ayisishiyagalombili ayekhombe itekisi ngezinhlokohlela zezibhamu. Umshayeli wetekisi waveza izandla ezingaphethe lutho ngewindi. Bonke nabanye abangaphakathi etekisini baveza izandla ezingaphethe lutho ngamawindi. Amaphoyisa avula izicabha zetekisi, bonke abaphakathi baphuma bephakamise izandla. Alaliswa phansi wonke lamadoda, agaxwa ozankosi. Amaphoyisa apequlula etekisini aphuma nezibhamu eziningi.

“Babatholile, sthandwa sami! Babatholile, Linda!” ngasho ngiphakamisa isibhakela emoyeni.

“Awuthi ngibone! Awuthi ngibone nami!” kwasho uLinda.

Wangihlwitha izipopolo. Ngabona ukumamatheka kugcwala ebusweni bakhe njengoba ayebuka konke okwakwenzeka.

***

Sithele umbono wakho: Kuyakumangaza ukuthi uLinda uyithandile indima ayidlalile kulelicebo?