Kwaba ukushona kwelanga sashaya sachitha lapho sesihleli khona. Ngangena erenki yamatekisi ngathenga i-SIM card. Ngathenga umakhalekhukhwini kanye nezipopolo esitolo esidayisa amasekeni emaphethelweni edolobha laseHibberdene. Sabuyela ngokushesha emgwaqeni ngayiciba i-Corolla salibangisa eThekwini.

Safika e-Umhlanga Rocks emuva kwamahora amabili. Sangena ehhotela i-City Lodge sathola igumbi e-ninth floor, sahlala ngokukhululeka. Ngabuka ngewindi ngabona igaraji laphethiloli i-Shell elibuqamama nehhotela. Ngathatha izipopolo ngabuka igaraji. Ngamamatheka ngesikhathi ngikubonela eduze konke okwakwenzeka e-Shell. Ngabona kuseduzane futhi kucacile ukukhathala ebusweni bomsebenzi othela uphethiloli.

“Lithini manje icebo, Spha?” kwabuza uLinda.

Ngaphenduka ngabona ukungabaza kugcwele ebusweni besithandwa sami.

“UMpilo ulindele ukuba ngimufonele ukuze sihlangane namhlanje. Akazi ukuthi sesiyazi ukuthi ufuna ukusibulala. Ikhona-ke lokhu kungazi kwakhe esizokusebenzisa. Ngikhethe Umhlanga Rocks ngoba uyindawo yezicwicwicwi enamaphoyisa amaningi awenzayo umsebenzi wawo. Futhi kunama-response unit aqeqeshiwe, ahleze eqaphile.”

“Qhubeka ngilalele,” kwasho uLinda.

“UMpilo, abafowabo kanye nezinkabi zakhe bahleze bephethe izibhamu. Singabheja ngempilo yami ukuthi lezozibhamu zabo azikho emthethweni. Futhi-ke noma zisemthethweni nakanjani sezenza amacala amaningi angakaze asombululwe. Mina ngizotshela uMpilo ukuthi sihlangane naye egaraji emuva kwehora,” ngasho ngikhomba igaraji i-Shell. “Ngizomazisa ukuthi isona kuphela isikhathi esingahlangana ngaso lesi futhi iyona kuphela indawo engikhululekile ngokuba sihlangane kuyo. Ngiyathemba ukuthi konke lokhu kuzomdoba ngokwanele.”

“Hhayi, Spha! Umsondezelani kuthina manje lomuntu? Awuyi ukuyohlangana naye, uyangizwa? Ngeke ukubone lokho! Ngeke!”

“Vele ngeke ngiye ukuyohlangana nabo, sthandwa sami. Kodwa banezibhamu ezingekho emthethweni enginesiqiniseko sokuthi satshenziswa ukwenza amacala. Thina esizokwenza ukuthi sibabuke ngezipopolo sihlezi la egumbini lethu. Kuzothi uma sibabona befika egaraji sifonele amaphoyisa. Kuzofanele kubekhona amanga esiwaqambayo azokwenza ukuthi amaphoyisa ebheke izibhamu ngaphakathi emotweni kaMpilo.”

ULinda wamamatheka wavuma ngekhanda, wathi, “Ngiyakuzwa-ke manje, Spha. Mufonele uMpilo!”

Lwakhala kanye ucingo, walubamba uMpilo.

“Hello, Mpilo! USpha lo okhulumayo. Ngicela sihlangane egaraji i-Shell elise-Gateway emuva kwehora.”

“Emuva kwehora?” kwabuza uMpilo.

“Yebo! Ngicela usigcine isikhathi, Mpilo. Ngifuna ukukunika imali nginyamalale. Sengizwile ukuthi amaphoyisa angifuna phansi phezulu. Kwalomakhalekhukhwini ngizowulahla emuva kokukhuluma nawe. Ungabe usangifonela la. Kodwa nakanjani ngizobe ngikhona emuva kwehora.”

“Okay. Sizohlangana khona,” kwasho uMpilo.

Sacisha amalambu egumbini, salinda. Ngalokhu ngibuke njalo egaraji lase-Shell ngezipopolo. Lwangena nangempela unyanyavu lwe-Mercedes Benz S Class kaMpilo egaraji emuva kwemizuzu engamashumi amane nesihlanu.

***

Sitshele umbono wakho: Ulithanda kanjani icebo likaSpha lokuziphindiselela? Lizosebenza?