Kuphela ihora umama kaSiya ekhuluma nabazali baBhekani.

“UBhekani uthi ufuna imali engu R1000 ukuze apholise amanxeba. Mina ngibone kubhalwe emehlweni ukuthi uyifunela izidakamizwa lemali. Ubaba wakhe uthe uzomhambisa enkantolo ayosula icala. Ngamtshela uBhekani ukuthi imali uzoyithola uma eselisulile icala,” kusho umama kaSiya esebuyile ekhaya.

“Ngempela, Ma! Awuthi ngiyoyizama lemali kusomatekisi.”

“Imali yona ikhona. Usungangikhokhela uma usomatekisi ekunika,” kusho umama kaSiya.

“Ngiyabonga, Ma. Ngizokukhokhela yonke imali yakho. Ivela kuphi lemali engaka?”

“Ngiyazi ukuthi uzongikhokhela. Bengibeka u R50 njalo uma ngihola impesheni. Nalemali owawungipha yona usasebenza bengiyibeka.”

Ubaba kaBhekani uyabathinta ntambama abatshele ukuthi uBhekani uselisulile icala. Imoto yakhe isemgaqweni. USiya angene emotweni amnike imali.

“Angifuni ngempela ukuthatha imali yenu, kodwa ukwenza ukuthi loludaba ludlule ngizoyidlulisela kuBhekani. Ngiyazi ukuthi uzoyibhema yonke kwanamhlanje. Kodwa ngizomnika ukuze impilo yakho izoqhubeka. Ngiyaxolisa, ndodana. Uyasiphoxa uBhekani. Ngimtshelile ukuthi angayithathi lemali, kodwa akangilaleli,” kusho ubaba kaBhekani.

Ebusuku, ngesikhathi elungisa isicabha esalimala kugqekezwa, uSiya uyacabangisisa ngokwenzeke ezinsukwini ezimbalwa ezidlule. Uyabona ukuthi impilo ingaphenduka ungalindele ngenxa yezinqumo ozenzayo. Ukujabula akusuki ebusweni bakhe ngoba uyabona ukuthi cishe wagwetshwa iminyaka. Ngaphambi kokulala uthinta uMakhendlas.

“Ey, Makhendlas, ayihlangani lemali. Selokhu sagcina ukukhuluma, kunefu lebhadi elihamba nami.”

“Ngizwile ukuthi kade uboshiwe. Kwakufanele umbulale uBhekani. Ungavumeli umuntu akujwayele kabi njengoba ekujwayela,” kusho uMakhendlas.

“Lalela, ungangikhulumela nosupervisor? Umtshele ukuthi uma engifaka emsebenzini ngizomkhokhela lemali ayifunayo ngomholo wokuqala.”

“Akusebezi kanjalo, Siya. Futhi kwalowomsebenzi usuthathiwe. Izikhala ezilandelayo zizovela ngonyaka ozayo. Wena zama ukuhlanganisa imali uzame ngonyaka ozayo. LoBhekani yena kufanele umkhombise ukuthi ungubani.”

USiya uyazama ukuchazela uMakhendlas ukuthi umthetho usebenza kanjani kodwa kufana nokuthi uthela amanzi emhlane wedada. UMakhendlas unenkani, ukholelwa kulokhu akukholelwayo.

Athinte usomatekisi.

“Bengicabanga ukuthi kufanele sikhulume, Siya. Ngithenge itekisi, ngishoda ngomshayeli. Ungaqala kusasa ukungisebenzela?” kusho usomatekisi.

“Ngikhona, mnumzane!” kusho uSiya, “Ngizoqhamuka kuwena ekuseni.”

USiya ulala ubuthongo okokuqala ezinsukwini ezine. Ulalisa okwengane encane ngoba kumenza akhululeke ukuthi uzokwazi ukwenza imali eshayela itekisi. Uzokwazi ukuqhubeka abheke umsebenzi, nokukhokhela umama wakhe.

Ekuseni, ngaphambi kokuthatha itekisi angene emgaqweni, uxoxela usomatekisi ngokumehlakalele ezinsukwini ezidlule.

“Ngenxa yakho konke okwenzekile, mnumzane, kungenzeka ngiqale ukusebenza sesihambile isikhathi. Ngizozwa ukuthi i community service ingikhomba kuphi futhi ngasiphi isikhathi,” kusho uSiya ephothula.

“Uyazi, lento oyichazayo yenzeka kumina ngonyaka odlule. Ngabamba obafana ababengintshontshele amathayi ngababulala ngesibhaxu. Bangimangalela, ngaboshwa ngempela ngalahlekelwa isikhathi nemali. Manje angisayingeni indaba yokushaya abantu. Umuntu onginyathela ubhozo ngiyamyeka, ngidedele amaphoyisa ukuthi enze umsebenzi wawo. Ungayisebenzisa itekisi ukuya lapho odinga ukuya khona, anginankinga ngalokho.”

Ukushayela itekisi kuyayingenisa imali. Akuyona imali eningi kodwa uyakwazi ukusiza ngokukhokhela ugesi nokuthenga ukudla. Impilo iyaqhubeka, uyakwazi nokuhambisa ama applications emisebenzi. Impilo yakhe ayisheshi ngendlela afisa ngayo kodwa uyazi ukuthi ingcono kakhulu kunokubhadla ejele.

Emuva kwenyanga usewaqedile ama anger management classes, kusele isonto elilodwa aqede I community service. Isonto elilodwa esebenza kuma holding cells ase police station lapho ayeboshwe khona.

Userenki ulinde ukulayisha abagibeli. Unokutatazela ngoba namhlanje une first date noThandeka. Uzomkhiphela ukuyobuka i movie e Gateway Shopping Mall. USiya ubecabanga ukuthi babuke i blockbuster kodwa uThandeka wangahambisana nalokho.

“Angiwathandi amablockbuster,” kwasho uThandeka, “Kukhona i art movie cinema eGateway ekuthiwa i Cinema Nouveau. Singabuka i movie lapho, please?”

USiya ucabanga ngokuthi ubusuku bakhe buzophela kanjani: mhlawumbe ngo kiss uma engabhayizanga. Uhleka kancane ecabanga izindebe zakhe zinthintana nezikaThandeka. Ukushayisana kwamatekisi kubuyisa umqondo wakhe erenki lapho ekhona. Itekisi ihlehlele kwenye emile. Osephutheni umshayeli wetekisi ehlehlayo kodwa akakuvumi lokhu. Kunalokho uphuma asho ngenhlamba kumshayeli wetekisi emile. Kubonakale ukuthi kuzoqala impi: bakhumule ama jacket, babambe izipanela ngezandla. U rank manager agijime abambe umshayeli osephutheni, uSiya aphuthume abambe omunye.

“Ngeke ngithukwe enye indoda kanjena mina! Okokuqala uyena osephutheni njengoba engithuka,” kusho lomshayeli obanjwe nguSiya.

“Yehlisa umoya, mfwethu,” kusho uSiya embuka emehlweni, “Ngake ngakutshela okwangehlakalela ngishaya umuntu owangisukela?”

“Cha,” kuphendula lomshayeli.

“Kwaboshwa mina, ngalehlekelwa okuningi,” kusho uSiya.

“Kwaboshwa wena? Ngobani?” kubuza lomshayeli, ukuthukuthela kushabalala ebusweni.

“Woza nami siye esitolo. Woza sithole okokupholisa ukuthukuthela. Asihambe, mfwethu, ngizokuxoxela lendaba yokuboshwa kwami,” kusho uSiya emsusa emsindweni.

USiya ujabulile. Base Cinema Nouveau noThandeka, balinde ukuthenga amathikithi. Ubuka uThandeka njengoba lentokazi imxoxela ngomuntu obhale le movie abazoyibuka.

“Wahleka kangaka, Siya, kwenzenjani?” kubuza uThandeka.

“Ngijabulile, Thandeka. Emuva kwezinto ezingenzakalele ezinyangeni ezidlule, ukuba nawe la ngathi ngiphila iphupho elimnandi. Bengibona ngathi akukho okuzolunga, kodwa njengoba useceleni kwami ngibona ukuthi akukho okungangihlula emhlabeni.”

“Impilo imnandi, Siya, ngoba isifundisa okuningi,” kusho uThandeka efaka isandla sakhe kwesikaSiya, embuka emehlweni, emqabula esihlathini.

***

Sitshele ukuthi ubona kanjani: Ufundeni uSiya ngalokhu okwenzekile?