Ummeli wamahhala okhethwe inkantolo uhlangana noSiya ngaphambi kokuqala kwecala lakhe. Lommeli ucishe alingane noSiya ngeminyaka.

“Uzothola ibail ka R500. Uzokwazi ukuyikhokha? Uma ungenayo imali ngingakuzamela i free bail, kodwa lokho kuzothatha isikhathi eside, ungaphuma ntambama. Noma kusasa,” kusho ummeli.

USiya ucela ukusebenzisa i cellphone yommeli ukuze axhumane nodadewabo.

“Nonhle, imina uSiya. Usufikile enkantolo?”

“Ngingaphandle,” kuphendula uNonhle, “Angithi uzongena e court D?”

“Sho, ngizongena eCourt D. Uphethe imali engakanani lapho? Ummeli uthe i bail izoba ngu R500.”

“UMa unginike u R1000.”

“OK.”

“Lingena nini kanti icala lakho, Siya?”

“Elami lizoqulwa libe ngelesithathu.”

Uqeda ukukhuluma, abheke ngakummeli, ambuyisele i cellphone, athi, “Ngizokwazi ukuyikhokha ibail, udadewethu uyiphethe imali.”

“Emuva kokuyithola ibail ngicela ungahambi. Ngidinga ukukhuluma nawe nge tea time, kunezinto ezibalulekile okumele sizidingide,” kusho ummeli.

Igama likaSiya libizwa emuva kwehora, agibele izitebhisi ezimnyusela enkantolo. Umuntu wokuqala ambonayo uNonhle. Uyabona nokuthi uBhekani uhleli ebhentshini elisemuva kwaNonhle, kodwa akambuki emehlweni. Akuthathi isikhathi eside ukuthethwa kwecala lakhe ngoba ummeli wakhe uyakwazi akwenzayo. Akupheli imizuzu eyishumi engenile, ayithole i bail.

USiya noNonhle balinde ummeli ngaphandle kwe office lakhe.

“Lezinsuku ezintathu engizichithe ejele zingiphule inhliziyo. Ngiyacabanga nje ukuthi abantu abahlala iminyaka ejele baphuma benjani,” kusho uSiya.

“Kodwa usuphumile manje, Siya. Futhi nommeli wakho kuyabonakala ukuthi uyazi njengoba ezazi into ayenzayo. Asithembe ukuthi izodlula lento, siqhubeke nempilo. Ngikuphathele i cellphone. Unenqwaba yama missed calls, bengingayiphenduli ngoba ngingafuni ukumemezela umhlaba wonke ukuthi uboshiwe,” kusho uNonhle emnika yona.

USiya abone ama missed calls ayisihlanu avela kuMakhendlas, amabili avela kusomatekisi. Ucabanga ukusukuma ayothenga i airtime, kuqhamuke ummeli wakhe.

“Ngilandele singene ehhovisi, Siya Mahlangu. Asiyizwe indaba yakho,” kusho ummeli.

Emuva kokuthi uSiya achaze udaba lwakhe, ummeli avume ngekhanda.

“Engikutholayo kuloludaba lwakho yilokhu. Awulivulanga icala ngokuthi uBhekani ukugqekezele wantshontsha izimpahla zakho, kodwa yena ulivulile icala le GBH. Ukuvulele necala le Robbery ngoba ethi umphuce imali yakhe. Inkantolo isebenza ngalokhu esithi i proof. Amaphoyisa ambonile efika kuwona elimele ngoba i report yabo ithi ufike elimele futhi eqimbile. Bamuhambise esibhedlela, nodokotela wakuqinisekisa ukuthi ukulimala kwakhe kukhombisa ukuthi ushayiwe. Lokhu engizokutshela khona kungenzeka ungathandi ukukuzwa, kodwa kunjengoba ngisho.”

USiya anqekuzise ikhanda ekhombisa ukuthi uyezwa.

“Kungenzeka uboshwe ngalokhu, futhi inkantolo ingakugweba. Ungathola isigwebo seminyaka emithathu kuya kwemine. Inkantolo iyithathela phezulu iGBH, ikakhulukazi iGBH ehambisana ne Robbery.”

Ikhanda likaSiya libheka phansi liwele ezandleni, elahlekelwa yithemba.

“Noma kunjalo, ngingakukhipha kulolutaku. Kodwa lokho kungenzeka uma wenza njengoba ngisho,” kusho ummeli.

USiya uyasondela esihlalweni, elalelisisa ukuthi ummeli uthini.

“Ukuxazululeka kwaloludaba kume ekuthini uBhekani alisule icala. Uma elisula icala, ngingakuncengela inkantolo ikugwebe ngokuthi wenze i community service ehambisana nama anger management classes. Yisona isixazululo esingcono kunazo zonke lesi. Ngiyazi ukuthi lokhu kungenzeka kungakugcwilisi ngoba untshontshelwe kodwa umthetho usebenza ngalendlela. Ungamuvulela icala uBhekani kodwa angikholwa ukuthi amaphoyisa azovuma ukwenze lokho ngoba usahamba lelicala. Bekungaba ngcono ukube ulivule kuqala icala futhi awumjahanga wamushaya. Yebo ulivumile kuwena icala kodwa enkantolo angasho ukuthi uvumiswe ukuthi ubumshaya.”

“Mina into engiyifunayo ukuthi ngiphume kulolutaku, ngiqhubeke nempilo yami,” kusho uSiya.

“Ngiyajabula ukuthi ubona ngalendlela ngoba ukuqulwa kwamacala kudonsa isikhathi eside,” kusho ummeli, “Mhlawumbe uzobe usuqashiwe ngesikhathi kuqulwa icala lakho. Bazokubuka kanjani abaqashi bakho? Yebo, ngiyakholwa ukuthi ukuntshontshele, njengoba nawe ukholwa. Kubukeka ngathi uBhekani ukwenzile lokhu. Kodwa, sinabo ubufakazi kwalokho? Unabo ofakazi abangavuma ukuzofakaza enkantolo? Bona labofakazi bambonile entshontsha? Ngiyazi kulukhuni ukulalela lokhu engikukhulumayo kodwa inkantolo idinga ubufakazi.”

“Mfwethu, lungisa loludaba ngalendlela oyichazayo. Mina angifuni ukuphindela ejele, futhi angifuni ukuphinde ngilubhade la enkantolo.”

“OK, ngizodinga imininingwane yakho khona ngizokwazi ukuxhumana nawe. Uqinisekise ukuthi i cell phone yakho ihleze ivuliwe.”

“Izohlale ivuliwe, ngiyabonga kakhulu ngosizo lwakho,” kusho uSiya.

“Nami ngizodinga usizo kuwena, Siya. Ngicela uqinisekise ukuthi uBhekani uyalisula icala. Cela abazali bakho bakhulume nabazali bakhe. Zama ngayo yonke indlela ukuthi alisule icala – mncengeni, nimkhokhele uma efuna ukukhokhelwa. Ukuze ungagwetshwa kubalulekile ukuthi uBhekani alisule icala. Okunye okubalulekile,” kusho ummeli ebuka uSiya emehlweni, “Ukuthi uqinisekise ukuthi awuphuthi kwi community service nama anger management classes. Ukuphutha kwakho kungenza inkantolo ikugwebe isikhathi ejele.”

“Ngeke ngilenze lelophutha, mfwethu. Enzelwa kuphi lama classes?”

“Ngizokuthinta nemininingwane yalokho.”

“Ngibonga kakhulu, angazi bengizokwenzenjani ngaphandle kwakho,” kusho uSiya, “Angifuni ukuphinde ngilubhade ejele.”

“Kuyangijabulisa ukuzwa ukhuluma kanjalo ngoba ijele akuyona indawo yomuntu ozimisele ngekusasa lakhe njengawe. Kumele ngiphindele enkantolo,” kusho ummeli esukuma exhawulana noSiya.

***

Sitshele ukuthi ubona kanjani: Ummeli umluleke kahle uSiya?