UNokubonga uzoshada noZipho, imindeni isiqalile ukuxoxisana ngelobolo. Kodwa uZipho akekho eNhlangwini ngoba esebenza eGoli. UNokubonga uyakuzwela ukuguquka kwezinto phakathi kwakhe noZipho ngoba abasaxhumani kahle manje. Kuthi uma uNokubonga egibela itekisi elibangisa eGoli ukuze athole ukuthi kwenzekani ngoZipho, azithole ehlezi eceleni komuntu ozoguqula impilo yakhe ngendlela angakaze ayicabange …
This story is also available in English – The Things We Do for Love