Kusenjalo kuzwakala umsindo wezimoto zamaphoyisa.

“Sandra,” kumemeza u-Ayanda, “Kwenzekani?”

“Angazi,” kusho uSandra, ebambelela ku-Ayanda, ngize la ngoba ngidinga usizo ngeziBalo!”

Izimoto zamaphoyisa ezimbili zifika ngesivinini ziyama emgwaqweni. Amaphoyisa aphuma ngokushesha, akhipha izibhamu ekhombe lezi zingane ezintathu. U-Ayanda ubheka uMandla, “Kufanele ukhulume iqiniso manje.”

Kusondele iphoyisa. “Uwena lo mfana oshaye ucingo?” kubuza leli phoyisa.

“Yebo,” kuvuma uMandla, “Ngizokutshela konke okwenzekile.”

UMandla ubakhombisa ensimini, “ Indoda ebenginitshela ngayo ilele laphaya.”

Amaphoyisa ambalwa asondela engadini, izibhamu zimi ngomumo, ashiya laba bobathathu beqashwe elinye iphoyisa elisele.

“Sitshele kuqhubekani,” kubuza uSandra ngezwi eliphansi.

“Bengilokhu ngilethela ‘uMalume’ izingane zamantombazane eminyakeni eyedlule,” kusho uMandla, “Uyangikhokhela. Wathi uzohlala njalo enginakekela. Njengobaba.” Kusenjalo uMandla waqala wakhala. “Bengazi sonke lesi sikhathi ukuthi lento ayilungile. Bengazi ukuthi konke lokhu akulungile. Ngiyaxolisa Sandra. Ngiyaxolisa kakhulu.”

U-Ayanda noSandra basuka eduze kwaMandla. U-Ayanda udonsa uSandra uyamuhaga.

“Mandla! Ungayenza kanjani lento?” kubuza u-Ayanda, ethukile futhi ephatheke kabuhlungu, uma ebona ukuthi uMandla yonke le minyaka ubenza lento.

UMandla uyakhala usula ubuso ngendololwane. Waphefumulela phezulu. “Ngizowatshela konke enzikwaziyo. Amaphoyisa. Kunabanye. Amanye amadoda. Ngizoninikeza amagama awo. Nezingane futhi. Ngiwazi wonke.”

UMandla wahlala phansi ebaleni, ikhanda elilengise ngasemadolweni. Wabuka uSandra. “Ngiyaxolisa Sandra. Angikwazanga ukuthi ngenze lokhu kuwena. Angikwazanga. Ngihlulekile. Uwena kuphela umnganeweqinisa engike ngaba naye.”

USandra wacishe waya kuMandla ngaleso sikhathi. Kodwa, wabuye wahluleka.

UMandla wayesemshintshele, uhlezi othulini nezicathulo zakhe zakanokusho newashi lakanokusho kanye nomakhalekhukhwini wesimanje omba eqolo. USandra wayethi uma ebuka uMandla abone umuntu angamazi. Wayefana nje nomuntu angamazi.

UMandla wayesaphethe amabhande alezi zinja ezimbili.

Kwase kuyamcacela uSandra ukuthi ngesikhathi ebuka uMandla, lezi zinja ezimbili ukuphela kwabangane bangempela uMandla anabo la emhlabeji. Izinja ezimbili ezibe ngabangane bakhe eminyakeni edlule.

USandra unakho ukumdabukela uMandla.

Amaphoyisa athatha uMandla ahamba naye ngenye imoto. ‘Umalume’ yena wahamba ngenye efakwe ozankosi.

UMandla watshela amaphoyisa amagama alezi ezinye izingane azinikezela ‘kuMalume’.

Kwavulwa icala elikhulu enkantolo.

UMandla wahamba wayohlala kwenye indawo ekude, ngemuva kwalesi sigameko. USandra kwaba ukugcina ukubona kwakhe uMandla.

U-Ayanda ubona sengathi washeshe wahluleka ukufundisa uSandra iziBalo zeBanga 7 . Ngakho-ke njalo ntambama, u-Ayanda ufundisa uSandra iziBalo.

Ngamaholide okuvalwa kwezikole, u-Ayanda ufundisa uSandra iziBalo futhi. “U-Ayanda njalo uhlala ngokuzincoma athi, “Ngiyasithanda isikole. Kuningi omuntu okufanele akufunde!”

Kodwa, uSandra akavumelani nalokhu, kodwa uzama ngokukhulu ukuzimisela ukusebenzisana no-Ayanda. Ngaphandle nje kwalokho, kube intokozo ukuba nomngane weqiniso nokuba nomuntu ozohlala naye ngesikhathi samaholide amade.

USandra utshela u-Ayanda ukuthi unguthisha unesandla esiqinile kunabo bonke othisha esengike ngahlangabezana nabo!” Kodwa ulokhu ezame njalo ukufunda. Akekho kubona owalahla ithawula.

Ekupheleni konyaka uSandra waphumelela. U-Ayanda wathola 100% eziBalweni, kwaba nguyena ophumelele ukubadlula bonke esikoleni.

Bobabili, u-Ayanda noSandra bahamba bayozijabulisa.

Ngonyaka ozayo, bazofunda bobabili esikoleni samaBanga Aphezulu.

***

Ucabanga ukuthi kuzokwenzekani ngoMandla? Kuzokwenzekani ‘kuMalume’ nakubangani bakhe?

***