“Ukuzikhipha nomuntu engingamazi!” Kwangethusa mina lokhu. “Ubophinda uthi uyadlala Kay. Angizikhiphi nabantu engingabazi!”

Wayengadlali umngani wami uKay. “Ngiyakucela Lebo? Ngumzala oqhamuka eThekwini. Ngamethembisa. Uzokusa kwirestorenti kanokusho.”

Lokho kwangiheha. Kancane nje. “Ubukeka kanjani? Kumele abe yigeza lensizwa. Ngizikhipha namageza kuphela!”

“Angazi. Ngamgcina eseyingane eneminyaka eyishumi nanye enamafinyilana, eboshwe ikhanda ngebhandishi ngoba wayewe esihlahleni. Kodwa useneminyaka engamashumi amabili nesithupha manje. Ngineqiniso ukuthi ubukeka kangcono manje.”

“Uzothini uma kuwukuthi akakashintshi? Ngicela ukhohlwe Kay! Angizikhiphi nezintothololo mina – ngizikhipha nabaphapheme kuphela!”

Kodwa uma sekukhona akucabangayo umngani wami angeke umgudluze kukhona. Ngosuku olulandelayo uKay ufika ethwele isitaki samaphepha. Phezulu kwakubhalwe ukuthi ISU LOKUBALEKA ngamagama amakhulu abomvu.

“Ngiphrinte lokhu e-inthanethini Lebo. Kukutshela ukuthi ungabaleka kanjani uma izinto zingahambi kahle ekuzikhipheni nomuntu ongamazi.”

Bengingazimisele ukufunda yonke leyo nto! “Kulungile Kay. Awungibekele ngamafuphi. Ngenzenjani uma umzala wakho eyintothololo?”

Wangibekela ngamafuphi. Uma kungahambi kahle ekuzikhipheni nomuntu engingamazi kumele ngiye endlini yangasese yabantu besifazane bese ngimthumelela i-SMS umngani wami. Uma sengibuyele etafuleni elinentothololo leyo bese engishayela ucingo kumakhalekhukhwini wami. Uzongitshela ukuthi kuvele ‘isimo esiphuthumayo ekhaya’. Njengokuthi udadewethu omncane uphuke iqakala, ngiyadingeka ekhaya. Njengamanje.

“Uyabona-ke? Kulula! Uzobe usutshela umzala wami ukuthi: ‘Ngiyaxolisa, kukhona isimo esiphuthumayo ekhaya’. Bese uphuma njalo! Akunankinga Lebo.”

“Uqinisekise ukuthi umakhalekhukhwini wakho uhlala uwuvulile!” Ngisho ngimexwayisa.

Ngiyabonga kuthi ngamexwayisa. Umzala wakhe oqhamuka eThekwini wayeyintothololo yezintothololo! AWU WE MA!

Igama lakhe kwakunguLucky – u-“Nhlanhla”. Kodwa kimi wayengeyona ‘inhlanhla’! Sahlangana erestorenti edayisa izidlo zasolwandle wathenga imidambi (ama-prawn). Imidambi! Inamakhanda, imisila nemilenzana yayo ecijile! Ngabe kukhona okunye okwenyanyisa ukwedlula lokhu? Noma kuthiwa ukhulele eduze nolwandle eThekwini – akusho lutho lokho! Angisakwazi nokuqeda inhlanzi yami ngesikhathi ngimbuka ehlephula amagobolondo emidambi leyo. Bese emunca okuthile emakhanda ayo! AWU WE MA! SEKWENYANYISA KAKHULU!

Unobuso obukhuluphele obuyisigaxa nje. Akave enesidina! Waqhubeka nokukhuluma ngempilo yaseThekwini, abangani bakhe nokuthi bezwana kangakanani. Cha, impela kwase kuyisikhathi seSu Lokubaleka likaKay manje. Sekuyisikhathi sokuya endlini yangasese yabesifazane bese ngimthumelela i-SMS: Ngikhiphe kule nto ongifake kuyo! Manje!

Kodwa uLucky wathi: “Ya, ngiqedela isikhathi sokufunda ngisebenza. Ngizoba udokotela oqeqeshwe ngokuphelele ngonyaka ozayo.”

Udokotela!? Udokotela!? UKay ubengangitsheli ngani lokhu kwasekuqaleni? Mntanomuntu, khohlwa ngokuya endlini yangasese yabesifazane! Khohlwa ngokuthumelela uKay i-SMS, khohlwa ‘ngezimo eziphuthumayo ekhaya’ kanye nokuphuma kanje! Hhayi, cha lokhu kube ukuzikhipha nomuntu ongamazi okuhle okudlula konke. Wayengeyona intothololo nje. Wayeyigeza, ngendlela ababukeka ngayo odokotela bakusasa, wayeyigeza lensizwa.

Ngiyethemba ukuthi sisazozikhipha kaningana noLucky! Kodwa kungabi serestorenti yezidlo zasolwandle ngokuzayo!

***

Udokotela! Ngcingci! Ngesikhathi uLucky ebuya endlini yangasese yabesilisa ngaqala ‘ngamphosa imibuzo ilandelana’.

“Ngabe uzovula indawo yakho ozozisebenzela kuyona? Ngabe uzogxila ekusebenzeni okuthile okukodwa? Ngabe wake wasebenza lapho okukhona iSimo Esiphuthumayo? Ngabe…?”

Kwase kukhala umakhalekhukhwini wakhe. Walalela wabuyisa izinhlonzi. Wase ethi: “Ngiyaxolisa Lebo, kumele ngiye ekhaya. Njengamanje. Kukhona isimo esiphuthumayo ekhaya. Udadewethu omncane wephuke iqakala.”

Iyaphela lapha