“Vuka, Lungile. Vuka bandla ngiyakucela!” kuncenga uMaKhumalo ephephetha ingane yakhe ngebhuku.

“Uzovuka nkosikazi ungesabi,” kusho uSibiya.

“Kanti, Baba, kwenzakaleni vele kuLungile?” kubuza uLihle ecweba izinyembezi.

“Kodwa, Baba, nawe nalezi zangoma zakho zamanga. Buka manje ingane yami ithule njengesidumbu,” kusho uMaKhumalo.

“Uyaphila, uyaphefumula futhi nenhliziyo iyashaya. Ukuthi ulele nje kuphela. Ubufuna ngenzenjani, MaKhumalo? Ubufuna ngingenzi lutho ngibe ngibona ukuthi ingane iyagula? Ubufuna ngibuke ingane yami ifa?”

“Ngicela ningaxabani bandla,” kusho uLihle.

Ukuxabana kwabazali ikhona okuphaphamisa uLungile. Ingxabano yabo uyizwela kude. Athimule.

“Lungile, ngane yami! Usuphapheme!” kujabula uMaKhumalo.

“Ma,” kusho uLungile ngezwi eligcwele ukukhathala.

“Besikhathazekile ngawe,” kusho uLihle.

“Ngikuphi la?” ebuza ngokudideka.

“Usekhaya, ngane yami. Awufuni ngikwenzele ukudla?” uMaKhumalo umsula umjuluko ebusweni.

“Cha. Ngidinga ukuphumula nje kuphela. Ngikhathele. Angikaze ngikhathale kanjena empilweni yami.”

“Kulungile,” kusho uMaKhumalo. Uphenduka abuke uLihle. “Lihle, hamba uyolungisela udadewenu igumbi lokulala ukuze aphumule kahle.”

“Yebo, Ma,” kusho uLihle esukuma ngokushesha.

“Ngicela ningiphuzisa amanzi,” kusho uLungile.

Asuke ngokushesha uyise abuye esewaphethe ngengilazi amanzi. Atotobe ayongena egumbini lakhe uLungile. Kube ukucimeza nje, ubuthongo buhlasele.

*****

Sekuphele isonto emuva kokuba uLungile aquleka emzini kaNdlovu. Uzizwa ejabulile namuhla futhi enomdlandla. Usevuke wawasha izingubo zakhe zokulala. Ungamphikela ukuthi kukhona inkinga abhekene nayo.

Kuthi esajabulile kanjalo avele azizwe sengathi akayilutho. Uzizwa sengathi eyisahluleki. Uvele akhale isikhathi eside. Ugcina ethatha ipeni, alobe inkondlo.

Kuwena sifo sengqondo

Ungiphuce ithambo emlomeni
Uyisela lenjabulo
Uyibulele wayiqeda impilo yami
Sengihlala ngikhala kuhle komfelokazi 

Kuvele kuphume izinyembezi
Kunkenkethe inhliziyo
Sengathi bangigqeme ingozi engeqiwa ntwala
Ngicabange ukufa
Ngikubone kulula
Kube sengathi impilo yami ngingayithatha 

Ukufa yilona themba lami
Mhlawumbe ngophumula kulobu buhlungu
Ngiphinde ngijabule futhi
Ungumjabhisi wenhliziyo
Ungumjabulisi wezitha zami 

Uyiqede nya injabulo yami yobungane
Isikhathi sami sobusha
Nami kawungiyeke ngitshakadule
Sengahlala ngibalisa njalo
Ngidedele mdumazi 

Ngikhulule ngiyazicelela
Impilo yami isezandleni zakho
Ngiyayivuma induku senganele
Ngiyaguqa kuwe ‘Bayede’
Ngoba usuzenza inkosi yami

*** 

Sitshele umbono wakho: Kufanele wenze njani manje umndeni kaLungile?