Ngangiphezulu ezintabeni, mfundi othandekayo, lapho ngibona umhhume engingakaze ngiwubone ngaphambili.

Ngangena phakathi kwawo. Wawunuka izikhathi zasendulo nemililo okudala yasha. Ngemuva kwemithunzi kwakhukhona umhubhe. Kwakubonakala sengathi uyela phakathi ezintabeni. Ngangikwazi ukubona inkazimulo le ekugcineni. Kodwa okuhle nakakhulu, ngezwa umsindo uphuma kulo mhubhe. Kwakuwumsindo omuhle, okhazimula kakhulu.

Ngingawuchaza kanjani nje kodwa lomsindo, mfundi othandekayo? Wawulokhu ukhala. Imbotshana ngayinye yomjuluko emzimbeni wami yalalela, ukushaya ngakunye kwenhliziyo yami kwacula kanye nalo msindo.

Futhi yini eyayingase ikhiqize umsindo ohlaba umxhwele kangaka? Kwakumele ngizibonele! Ngaqala ukuhamba kulowo mhube omude, onamatshe. Kodwa kwavela indoda ethize kusuka emithunzini. Yayigqoke ingubo emnyama, enesigqoko.

“Ngiyaxolisa. Ngeke ukwazi ukuya phambili,” kusho indoda.

“Kodwa kumele! Kumele ngibone ukuthi lomsindo uphuma kuphi!”

“Cha. Awuvumelekile ukuba wazi izinto ezinjalo. “Ngiyaxolisa. Lolo lwazi luyimfihlo. Olwalabo abayilungu Lobuzalwane Obuyinkazimulo.”

“Ngakho kusho ukuthi kumele ngijoyine lobu Buzalwane Obuyinkazimulo,” kusho mina. “Ngingajoyina kanjani?”

Wabe esengitshela. Kwakuyinto ende eyinkimbinkimbi.

“Okokuqala kumele uvakashele izindonga eziyincithakalo zaseZimbabwe Enkulu. Kumele ubeke indlebe yakho kugwadle bese ulalela ukuqhafaka kwamatshe ayo ayizinkulungwane. Ngemva kwalokho kumele uye emahlathini esentabeni yaseRwanda bese ulalela ukushaya kwesifuba kwemfene enkulu enomhlane oyisiliva.

“Futhi kumele uchithe ubusuku obubodwa ekujuleni kogwadule laseSahara. Kumele ulalele umsindo wemimoya yesihlabathi ukhala phezu kwamagquma amnyama. Ekugcineni kumele uye kwimitapo yezincwadi yaseTimbuktu. Kumele ubambe esandleni sakho incwadi yasendulo bese ulalela umsindo njengoba uphenya ikhasi lasendulo eligcwele ukuhlakanipha kwasendulo. Kuphela nje uma usukwenze konke lokho, uzobe usukulungele. Kuphela nje uma usukwenze konke lokho, uzoba yingxenye Yobuzalwane Benkazimulo.”

Kwangithatha izinyanga eziyisikhombisa, mfundi othandekayo! Izinyanga eziyisikhombisa kanye nayo yonke imali yami engangiyigcinile. Kodwa ekugcineni ngabuyela emhhumeni sengikwenze konke.

Nganyathela umhubhe okhazimulayo. Kwaphakama umsindo usuka ekujuleni okungaphakathi kwentaba wawumuhle nakakhulu kunasekuqaleni.

Yeza kimi futhi indoda, egqoke isigqoko. Yamomotheka ubuso bayo baze bakhazimula nabo.

“Hawu, yebo. Ngiyakubona ebusweni bakho. Ukwenze konke obekumele ukwenze. Manje usuyingxenye Yobuzalwane Benkazimulo. Ngilandele. Woza uzozibonela.”

Ngamulandela sajula nakakhulu entabeni. Umsindo wawusungizungezile manje, uphezulu futhi unamandla. Wawushaya ematsheni futhi udlidliza nasemoyeni ohlanzekile. Wawushaya phakathi kwemithambo yami, uyaluza engqondweni yami.

Ekugcineni, ekugcineni ngabona, ubuso nobuso, ukuthi yini eyayenza lomsindo oyinkazimulo. Ngama ngibanjwe ukuthatheka, nginikina ikhanda lami ngenxa yokumangala. Kwakuyi… kwakuyi…

***

Ewu, kodwa ngiyaxolisa, mfundi othandekayo. Ngeke ngikwazi ukukutshela le mfihlo. Akumele wazi izinto ezifana nalezi. Awukakabi ilungu Lobuzalwane Benkazimulo. Okokuqala kumele uvakashele incithakalo yezindonga zaseZimbabwe Enkulu…

Isiphetho