Kukangaki ngilalela umngani wami uPrecious ekhala? Futhi kuhlale kuyindaba efanayo.

“Ibuhlungu inhliziyo yami! Ungilahlile! Bengicabanga ukuthi ngimtholile engikade ngimfuna!”

Amagama kuphela ashintshayo: uThabo, uHenry, uDumisani, uSpencer. Uhlu luya lwanda. UPrecious uhlale enenhliziyo ebuhlungu njalo ngemuva kwezinyanga ezintathu. Njalo nje!

“Kungani izinto zingangihambeli kahle?” esho ekhihla isililo. Ngihambe ngiyolanda elinye ibhokisi lamathishu. Useliqedile ibhokisi eliseceleni kwakhe. Ngenhlanhla umama ubebeke amaningi.

“Ngabe sikhona yini isizathu uThabo akunike sona?”

“Uthe bengimnamathele kakhulu, bengingamniki thuba lokuphefumula, ngakho ibingasekho into ebengayenza. Kodwa uHenry – uyamkhumbula uHenry? – wangilahla ngoba wathi ngimshayisa ngomoya kakhulu. Ngingaba kanjani yilokhu kokubili? Nginganamathela kanjani ngiphinde ngishayise umuntu ngomoya? Noma bazama izaba nje?”

UPrecious uthatha amathishu amaningi asikhihlele kuwo isililo. Angikuthandi ukumbona enje.

“Kumele ngenzenjani?” usho ekhihla isililo. “Akungihambeli kahle kwezothando!”

Anginazimpendulo. Akumhambeli kahle kwezothando, kodwa mina anginamuntu ngakolwami uhlangothi. Akukho ngisho owokubika lo!

Ngibe nobudlelwane obubodwa eminyekeni emibili edlule – nanko-ke awami amaphuzu! Ikuphela kobudlelwane engibe nabo. Futhi kwakungelona nothando, noma okusondele lapho. Sezwana izinyanga ezimbalwa ngoba sobabili sasikuthanda ukugijima. Kwase kuphela kanjalo. Akuzange kube nesigigaba ekwehlukaneni kwethu, akubanga ngendlela okwenzeka ngayo kuPrecious. Akubanga khona zinyembezi noma amabhokisi amathishu aphelile. Cha, kwaphela umdlandla nje sase sigijima emizileni eyahlukene.

Umama wami uselahlekelwe ithemba endabeni yami. “Awuzami ngokwanele!” kukhala yena. “Uneminyaka engamashumi amabili nanhlanu, awushadile, futhi awukanginiki nabazukulu. Uzohlala uwedwa uma ungazami kakhudlwana ngane yami! Uzogugela ekhaya! Uzobe uyalunga!”

Ngakho ngingamcebisa kanjani umngani wami uma nginamava amancane kangaka emnyangweni wezothando? Ngenza konke okusemandleni ami.

“Precious, ngelinye ilanga kukhona insizwa eyobona ukuthi ungowekhethelo kangakanani. Ukuthi nje, sengikwaze kusukela senza iBanga Lokuqala futhi ngiyakutshela wena ukahle, uyahlekisa, uyathandeka, umuhle, umuntu angethembela kuwe futhi unomusa. Ngabe yini enye abayifunayo? Khumbula ukuthi: kumele uqabule amaxoxo amaningi ngaphambi kokuthi uthole iNkosana yakho.”

Lokhu nakho akusizi. Seliphelile manje ibhokisi lokugcina lamathishu. Ngiya ekhishini ngiyohulula iroli yamathawula ephepha. Kodwa ngibuya nomqondo omusha.

“Kungani singayi eklabhini entsha ezovulwa namhlanje ebusuku? Uyakwazi e-Cyril’s Flying Squirrel? Kuzwakala sengathi kuzoba umcimbi omkhulu. Abantu abaningi. Sizogqoka izingubo zethu zikanokusho! Mhlawumbe sizoba nenhlanhla? Mhlawumbe sizothola omaqondana? ”

UPrecious ufinya kakhulu, esule izinyembezi zakhe bese ephakamisa amahlombe akhe. Ubukeka enesibindi noma enenhliziyo ebuhlungu.

“Cha. Ngicabanga ukuthi yiyo inkinga yami leyo. Ngilokhu ngifuna uthando ezindaweni ezingafanele. Cha, kumele ngibhekane nalokhu ngqo. Sisodwa kuphela isisombululo enginaso. Yinye kuphela indlela engingaqeda ngayo bonke lobu buhlungu benhliziyo.”

Bese umngani wami uPrecious esho amazwi okukukudala ngifisa ukuwezwa. Sekuphele iminyaka eminingi ngifisa ukuwezwa. Mhlawumbe ngoba kusukela eBangeni Lokuqala sihlala deskini linye.

Uthi, “Jacob, ngicela ungishade?”

Iyaphela Lapha