“Yebo inkinga yakho, makoti! Uwena ongakwazi ukumitha. Uyabona ngezikhathi zethu ngabe usunomnakwenu,” kusho uMaMfeka.

“Kodwa, Ma, kungani ukhuluma kanjena?” kubuza uFezile.

“Sthandwa yehlisa umoya,” kusho uLindani ebeka ifoni endlebeni.

“Umawakho akangithandi!” kusho uFezile esukuma edikila.

“Ma, ngicela usinike isikhashana sizame odokotela besimanje. Uma sihluleka sizoya enyangeni.”

“Kulungile. Usedikilile njalo umakoti. Iconsi lidlala ngaye. Uyabona-”

“Usale kahle, Mama,” kusho uLindani evala ucingo.

UFezile uzimboze ngengubo, uyakhala. Uzizwa engento yalutho. Uzizwa eyisahluleki uqobo lwaso.

“Sthandwa sami,” kusho uLindani embula ingubo.

“Ngiyeke Lindani.”

“Ungamnaki umama. Uyamazi nawe ukuthi unjani, akanaki uma ekhuluma.”

“Akangifuni uMa wakho Lindani.”

“Uyakuthanda uMama, kuphela isalukazi sizifunela abazukulu baso.
Ngiyamxolisela.”
“Kungani egxeka mina pho?”

“Ngiyaxolisa Fezile. Ngicela udlulise, sthandwa sami, ubuye uzodla ukudla kwakho sekuyabanda.”

“Ungazihluphi ngisuthi.”

UFezile ubukela uhlelo lwenkonzo kumabonakude. Umfundisi oshumayelayo, uPastor Ngubo, udume kakhulu iNingizimu Afrika yonke. Kuthiwa ayikho into emehlulayo. Kuthi esethandaza athi umuntu ofuna ukusizakala akabeke isandla kumabonakude wakhe. Uyaselula isandla ngethemba naye uFezile.

Kuthi esevala uhlelo uPastor Ngubo amemezele imikhiqizo yakhe ayidayisayo. Uyibhala phansi imininingwane uFezile. Uphuthuma ngaso leso sikhathi ehhovisi lapho imikhiqizo itholakala khona. Kuthi esahleli ezihlalweni elindile ezwe amanye amantombazane exoxa.

“Mina ungibona nje ngizobonga kuPastor Ngubo. Ngangingasebenzi ngihlala ekhaya. Ngafunda ngaba neziqu kodwa umsebenzi ngangawuthola. Namuhla ngisebenza kwamasipala, angisweli lutho. Bafika banginika iziwasho kanye nensipho ethandazeliwe.”

“Uyasebenza uPastor Ngubo. Mina bengikhulelwa kodwa abantwana beshona. Ngancede ngeza lapha ekhaya konke kwalunga. Umagcino wami unezinyanga eziyisithupha. Wanginika amafutha, iwona angisiza. Namuhla ngizofuna isiwasho senhlanhla ngoba ngivule isitolo ngiyadayisa.”

Kumhlule ukuzibamba uFezile. Asondele kancane efuna ukuzwa kahle.

Sitshele umbono wakho: Uyakholelwa ezintweni ezidayiswa abafundisi – amafutha, izinsipho Kanye mnamanzi angcwele? Ngabe ziyinto yokwenza imali noma zisebenza ngempela?