USiyanda useqedile ukusebenza kosuku emsebenzini wakhe wokuba uweta eThirst Buster Bar, eRondebosch. Izinyawo ziyaqaqamba. Umile, uncike e-bar counter, ubala imali ayenzile namhlanje. Uzwa umqondo uzula. Ugqolozela ubala angezwa noma imali iwa isakazeka phansi. Umusho wokuqala wencwadi ayithole izolo yiwo lona owenza kuzule ikhanda.
‘We regret to inform you that your application for a bursary has been rejected by the bursary selection committee.’
Kuthiwa ‘Life isn’t fair’, uSiyanda uyakwazi lokhu. Kodwa yini eyenza ukuba lesi sisho sihambisane nempilo yakhe yonke, iminyaka engu-26 ephila lapha emhlabeni? Ukubona ukuthi kufanele ayeke isikole onyakeni wesibili ezifundweni zeBCom Accounting kumushaya emqondweni kube sengathi ukhahlelwa kanzima esiswini. Udonsa isihlalo esiseduzane, ahlale.
Intombi yakhe, uMandisa, umile ngaphandle e-bar, umbuka ewindini elikhulu. Ungena ephuthuma uMandisa, aqonde kuSiyanda. Ucosha imali esakazeke phansi, ahlale eceleni kwesoka lakhe. Ukukhala kwemali etafuleni njengoba eyibeka ngobunono uMandisa kubuyisa umqondo kuSiyanda.
“Ngididekile” kusho uSiyanda, ikhanda ligcwele ezandleni. “Ngiphase kahle! Ngenze konke okusemandleni kodwa akwanelanga!”
“Hawu bandla, babe. Ngiyazwelana nawe ngokungawutholi umfundaze,” kusho Mandisa, ebamba isandla sikaSiyanda. “Kodwa nayo indlela abakhetha ngayo ayinabo ubulungiswa. Ngempela ubani othola o-distinction e-university?”
“Bengibathola o-distinction ukube benginaso isikhathi esanele sokufunda. Kodwa inkinga ukuthi kufanele ngisebenze njalo,” kusho uSiyanda. “Kulonyaka, uMr Stevens, umnikazi wepulazi lapho engakhulela khona, ungibolekile imali yokubhalisela lonyaka, nemali yokukhokhela indawo yokuhlala izinyanga ezimbalwa. Kufanele ngimkhokhele.”
UMandisa upotoza emuva kwentamo kaSiyanda ngesinye isandla. Uthi, “Zama ukungayicabangi kakhulu lento, babe. Ngikuphathele ophaqa. Ngiyacabanga nje ukuthi zibuhlungu kangakanani izinyawo zakho ngoba bekudlala ibhola ne-rugby ngokulandelana.”
“Bekunzima ngempela. Ngiyabonga, babe,” kusho uSiyanda ngokumamatheka okuhlangene nokukhathala.
Bahamba begaxene emgwaqeni omkhulu walapha eRondebosch. Namhlanje nguLwesihlanu kodwa kuthulekile emgwaqweni. Ukuthula kudatshulwa izimoto ezimbalwa ezidlula zihuba. Iningi labafundi ligodukile, liyodlela amaholide ePhasika emakhaya.
“Ngikhathazekile ngawe, babe,” kusho uMandisa. “Angikaze ngibone umuntu osebenza ngokuzikhandla njengawe. Ngisaba ukuthi uzokhathala uphele.”
“Akuyilutho lokhu, Mandisa. Lapho ngiqhamuka khona ngangisebenza epulazini kusukela ngineminyaka eyisikhombisa. Njalo uma ngibuya esikoleni ngangingena ensimini yomoba. Ngasebenza iminyaka eyisishiyagalombili emuva kokuqeda u-matric ukuze ngihlanganise imali yokubhalisela unyaka wokuqala la enyuvesi. Ngeke ngikwazi ukubuyela epulazini. Ngiyazazi ukuthi nginomqondo nomzimba okwaziyo ukumela izimo ezinzima, kodwa angiboni ukuthi ingqondo yami izokwazi iukumela ukubuyela epulazini.”
UMandisa uphakamisa amehlo, abukisise uSiyanda. Yebo, uSiyanda uyinsizwa ende futhi ebukekayo kodwa okwenza uMandisa amthande kakhulu nsukuzonke inhliziyo yakhe enhle, eqhubeka njalo nobuhle noma ihlangana nabuphi ubunzima.
USiyanda uziphonsa embhedeni egumbini likaMandisa, aphefumule ekhipha umoya kakhulu.
“Ngempela angazi kufane ngenzeni manje. Nalo ipulazi lisenkingeni ngokwezimali kanti phela imali ebengiyithola ibiqhamuka khona. Ngesikhathi kusahamba kahle epulazini, ngangikwazi ukuboleka imali kuStevens, ngimkhokhele kancane kancane,” kusho uSiyanda, ebuka uphahla lwangaphakathi. “Kodwa ngigcina ukuya epulazini uStevens wayengaphathekile kahle empilweni. Kukhona into eyayisemehlweni kuyena eyayisho ukuthi sokuzobheda.”
“Yini leyo eyayisemehlweni, babe?”
“Lento abantu abanayo uma sekusondele bashone. Awukaze uyibone kubantu esibhedlela? Awukaze ube endlini enomuntu ogulela ukufa?”
“Ngake ngaba kuzona zonke lezo zimo, kodwa angikaze ngiyibone lento oyichazayo.”
“Mina ngayibona kumama wami sekusele isonto elilodwa ukuba ashone. Ngangineminyaka eyishumi nambili kodwa kwangicacela, kwakhanya bha. Kwakukhona into emehlweni kuyena eyayisho ukuthi akaseyena umuntu wasemhlabeni esiphila kuwo.”
UMandisa usondela embhedeni, alale eceleni kukaSiyanda, amqabule esihlathini.
“Ngaphandle kwalokho,” kusho uMandisa, “Uyazi ukuthi uzokwenzani ngamaholide ePhasika?”
“Yebo, babe. Ngeke ngigoduke. Ngizobe ngikhona la, ngisebenza. Kufanele ngithole imali ye-rent ngoba umastende uzongixosha uma ngingakhokhi.”
“Kodwa kufanele uwubone umndeni wakho. Kufanele uphumule nawe.”
“Ngiyabakhumbula. Kungaba mnandi ukubabona. Kodwa impilo isemuva epulazini. Ayikho into engiyenzayo uma ngikhona ngaphandle kokusebenza ensimini yomoba. Kodwa uma ngilana ngiyakwazi ukufesela imisebenzi. Ngiyakwazi ukuwuthola umsebenzi.”
“Noma,” kusho uMandisa emamatheka. “Ungahamba nami siye ekhaya eJoburg. Umama ufisa ukukubona.”
USiyanda uyayicabangisisa indaba yokuvakashela uMandisa, ahlale nomndeni ongenazo zinkinga zemali. Mhlawumbe umama wakhe wazi abantu ababalulekile. Mhlawumbe umama kaMandisa angamxhumanisa nomuntu ongamnika umsebenzi okhokhela kahle. Kuhleze kuwumhlawumbe empilweni kaSiyanda. Kodwa uyazi ukuthi izimangaliso zokuguquka kwempilo ngokushesha zenzekela abanye abantu, azenzekeli yena. Yena kufanele asebenze, akhokhe i-rent, athenge ukudla, afunde. UMandisa ubuka amehlo kaSiyanda agcwele usizi, amamatheke. Amehlo amakhulu kaMandisa ancibilikisa lonke usizi olugcwele enhliziyweni kaSiyanda.
Kuvevezela umakhalekhukhwini kaSiyanda edeskini njengoba eqala ukuyicabangisisa indaba yokudla amaholide ePhasika nomndeni kaMandisa. Ubuka umakhalekhukwini, akhiphe umoya kakhulu, aphendukele kuMandisa.
“UBaba lona ofonayo,” uSiyanda utshela uMandisa, aphendule.
“Siyanda, uhlezi phansi?” kusho izwi likayise eligcwele usizi.
“Yini, Baba? Kwenzekeni, Baba?”
“Hlala phansi, ndodana. Inzima kakhulu lento engizokutshela yona,” kusho uyise, izwi livevezela.
***
Sitshele umbono wakho: USiyanda wasebenza iminyaka eyisishiyagalombili ukuze akwazi ukufunda unyaka owodwa, futhi iphupho lakhe lokuba i-accountant liyashabalala. Ngaphandle kwesimangaliso, ubona kuyini okunye angazama ukukwenza ukuze aqhubeke nokufunda?