Ufudu olukhulu lwasolwandle lwayibuyisela emuva endaweni esemhlabathini owomile lwayilinda ngesikhathi isaphuthuma ekhaya iyoxoxela umyeni wayo yonke into.
“O” washo ngesasasa. “Nginokuningi okubaziwe okuyizilwane, izinyoni nabantu. Ungakuthatha konke.”
Inkosikazi yabuyela olwandle ngokushesha iphethe okubaziwe okuyinqwaba. Ufudu lwaphinda lwatshuza lwehla, lwehla, lwehla naye.
Kwathi uma inkosi nendlovukazi bebona okubaziwe, bajabula kakhulu bayinikeza igobolondo elihle.
“Sinikeza wena nabantu bakini lesi sipho sezindaba. Njalo uma ufuna izindaba, phakamisa lokhu ukubeke endlebeni bese uyalalela,” kusho bona.
“Kodwa ukhumbule lokhu,” inkosi imhlebela endlebeni, “indaba yakho yokuqala ngqa iqale ngohambo lwakho lokuza lapha ezansi.”