Kwathi ekugcineni lapho inkosikazi isibuyela osebeni, yafica ilindwe umyeni wayo, izingane zayo kanye nabo bonke abantu basemzini. Babebase umlilo omkhulu owawuqhuma ukhafulele izinhlansi ebumnyameni.

“Manje,” besho bemmemeza, “sixoxele indaba! Sixoxele indaba!”

6

Inkosikazi yamamatheka. Yabamba igobolondo yathi, “Yebo … Nal’ibali … nansi indaba. Ssshhh. Lalelani-ke manje.”

Yaxoxwa kanjalo-ke indaba yokuqala.

Ngemva kwalokho inkosikazi yabeka igobolondo endlebeni yayo yaxoxa izindaba eziningi. Kanti uma le kuyindaba yokuqala oyizwile, khumbula ukuthi, ziningi kakhulu ezilandelayo.