Ngakho inkosikazi yanga abomndeni wayo yabavalelisa yase ihamba. Yanquma ukubuza lonke uhlobo lwesilwane eyayihlangana naso ukuthi ngabe sinayo yini indaba esingabelana nayo ngayo. Isilwane sokuqala eyahlangana naso kwakuwumvundla. Waqhamuka uthi gxu gxu, ngezinyawo zawo ezinkulu.

“Mvundla!” imemeza. “Ngabe unazo izindaba?”

“Izindaba?” kubuza uMvundla. “O, nginamakhulu, nginezinkulungwane, cha … ngineziyizigidi.”

“Mvundla, ngicela ungiphe izindaba ukuze ngikwazi ukujabulisa izingane.”

“Mmmm…” kusho uMvundla. “Anginaso isikhathi. Nangaphandle kwalokho … izindaba emini? …Cha bo!” Wase uthi gxu, gxu, gxu, wahamba.

2

Kamuva yabona isikhova. yathi uma isibuza ukuthi ngabe sinazo yini izindaba sashaya amaphiko aso ngolaka.

Ungubani … futhi … ungivuselani? Anginazindaba. Hamba uye enkwazini. Iyona esuke ingalele emini. Buza yona.”