USisanda mude kakhulu kunontangayabo − ufuze uyise. Ubuso bakhe obuyindilinga kanye nokumamatheka kwakhe okuhle kufuze okukanina. Abazali bakhe bobabili bavuka ekuseni kakhulu njalo bese beyosebenza esiqiwini sezilwane esiseduze. Ngesikhathi uSisanda kanye nabangani bakhe beqala ukufunda, kusuke sekunezindimbane zezivakashi ezifikayo zizobuka izilwane ezinhle kakhulu zaseNingizimu Afrika.
Ngosuku lwakhe lokuzalwa lokugcina, uSisanda wenzelwa okukhethekile – abazali bakhe bamtholela imvume yokuthi idili lakhe lenzelwe esiqiwini. Izindlulamithi zasesiqiwini zazithanda ukwazi ngaleli qembu labantu. Zelula izintamo zazo ezinde ukuze zilibone kahle idili futhi kwakubukeka sengathi zazifuna nokudla ikhekhe losuku lokuzalwa! USisanda wazithanda izindlulamithi. Zonke izilwaze zazikhethekile kuye, kodwa kwakuyizindlulamithi ezithule futhi ezimnene athatheka ngazo. Wayengachitha usuku lonke ezibukela.