Nsuku zonke uma intombazanyana eneminyaka eyisishiyagalolunye enguSisanda ibuya esikoleni, ikhumula umfaniswano wayo, idle isidlo sayo sasemini bese idlala umlabalaba nomkhulu wayo. Bazithokozisa kakhulu lapho bendizisa “izinkomo” zabo zizungeze ibhodi kangangokuthi uSisanda usuke engasafuni ukuyeka. Kodwa umkhulu bese emkhumbuza ukuthi phela ufuna ukuba umphathi webhange uma esekhulile.

“Uzokwenza kanjani lokhu uma ungayi esikoleni samabanga aphezulu?” kuntela umkhulu wakhe.

USisanda uvele azihlekele nje. “Ngizoya esikoleni samabanga aphezulu kanye nasenyuvesi futhi. Yingakho ngisebenza ngokuzikhandla kangaka esikoleni!”