Bobabili babukisisa amakota abo. Nangempela ekaJabu inkulu.

“Kukhona okungahambi kahle la,” kusho uZodwa. “Ngingemangale ukuthi yiso lesisizathu esenza ukuba isphaza sikabab’ uMkhize singasaphithizeli muva nje.”

UJabu uyacabanga okomzuzwana ebese ephendula, “Kahlehle, mina ngithenga kubab’ uMtawung ngoba ukudla kwakhe kunambitheka.

Ngandlebenye uNomusa uzwa uJabu noZodwa bekhuluma, uba nesifiso sokuzwa ukuthi bathini. Ubabuza ukuthi yini into embi ngokusika ulofu wesinkwa izingcezu ezinhlanu ezilinganayo uma kwenziwa ikota.

UZodwa noJabu bamphendula kanyekanye, “Ikota wucezu olulodwa kwizingcezu ezine zolofu wesinkwa!”

Nomsa kunjalo ubukeka bedidekile, ngakho Zodwa uyachaza: “Isinkwa kufanele uthathe yizicucu ezine ezilinganayo. Kungenjalo, awayona amakota. ”

UNomsa uthukuthele ngoba naye uthenga kwabab’ uMkhize. “lomuntu utshontsha isinkwa sethu!” esho ekhulumela phezulu.

NoZodwa uthukuthele, futhi usenqume ukubuyela esphaza sikabab’ uMkhize ukuyokhononda.Uqonda khona, ikota yakhe indiza emoyeni. UNomsa uyaphuthuma emva kwakhe.

Jabu Hungry ubheka akhanuke kota zakhe futhi ukububula. Wabe uvuka ukuba silandele abangane bakhe.