UJabu no Zodwa bathenga ukudla kwasemini. UZodwa uthenga kubab’ uMkhize, uJabu yena uthenga kubab’ uMtawung ngoba ukholwa wukuthi ikota kabab’ uMtawung inamaships amaningi kanye ne atsha eningi ukwedlula ekabab’ uMkhize.

Umugqa uhlala umude kakhulu esphaza sikaMtawung. UZodwa ulinde uJabu, emva kwalokho-ke abangani bahlala ndawonye emthunzini ukuze bazitike ngamakota abo.

UZodwa ubona okuthile okumenza agqoloze futhi amise izinhlonze.

“Ubukani?” kubuza uJabu.

“Ikota yakho! Inkulu kuneyami!” kumemeza uZodwa.