USimphiwe wayejwayele ukubuya ngoLwesibili esedidwe yiwunga, ecobeke amathambo. Wayelala usuku lonke aze avuke ngakusasa ntambama. Ngaphambi kokuthi ukuqaleka kuqale futhi anyamalale, kwakuba nesikhashana lapho ayephenduka uSimphiwe ophila impilo eqondile.

Wayedweba noma azifundele ibhuku ngaleso sikhashana. Ngosuku aqala ngalo ukudla iwunga wayeka ukudweba izinto zemvelo. Angazi noma izidakamizwa yini ezamenza wadweba ubuso bakhe kuphela. Isithombe sobuso bakhe sokuqala asidweba sasisihle, siphelele, ezikhiphe njengoba enjalo. Ngayendlala embhedeni wakhe imidwebo, ngabona ukuthi selokhu aqala ukudla iwunga, ubuso ayebudweba babungapheleli. Wayeqala kabusha njalo ephepheni elisha angasiqedi isithombe. Kwaqala ukushoda indlebe, kwalandela izinwele, isilevu, umlomo, ikhala, isithombe sokugcina kwakuyindilinga nje engenalutho. Ngayibuka ngokushesha yonke le midwebo ngaba nokwethuka ngoba ngabona ukuya ngokunyamalala komfowethu.

Ngazithola sengiduduza uMama, ngamkhumbuza ukuthi uSimphiwe ujwayele ukunyamalala ngempelasonto abuye azidwebele. Sasibuka umabonakude, saxoxa ngezindaba, nesimo sezulu, noSimphiwe wakudala, uSimphiwe awayeseyingane emehlweni ethu.

NgoLwesibili ngabhalela ukuhlolwa futhi anginawo amahloni okusho ukuthi ngenza kahle kulelo phepha. Ngangibhema ugwayi endaweni evulekile emagcekeni esikole. Ngawudonsa kathathu ngazulwela ikhanda, ngabheka phansi. Ngaphakamisa amehlo ngambona u-Anele unobuhle uqobo. U-Anele wayengumngani wami owayeseqala ukuba intombi yami.

Wayemude, ewumnyovu wenkosazana esho m ngamehlo ayengenza ngibone izinkanyezi. Ngangizwa umbani wothando uma ngihleli naye senza umsebenzi wesikole. U-Anele wahleka wangakholwa lapho ngimxoxela ngezinto ezenzeka ngaphathi kimina uma ngibuka amehlo akhe, kodwa kancane, kancane, kancane, waqala ukuzwana nengangimxoxela ngakho.

Wangibuka enokukhathazeka, ngezwa ukufudumala kwesandla sakhe emhlane wami.

“Ukahle emphefumulweni? Ubukeka ukhathazekile.”

Indaba kaSimphiwe yayingikhathaze ngendlela yokuthi kwase kubonakala ebusweni. Ngamxoxela ngokuhlupha kukaSimphiwe lapho selula izinyawo esikoleni.

“Nomzala wami ubhema iwunga. Awushiyi lutho phambi kwakhe ngoba untshotsha kwasani. Wake wantshontsha ibhodwe lakubo kusaphekwa ukudla kulo, walidayisa linesitshulu esingakavuthwa.”

Amehlo ami ayelokhu ebheke ubuso bakhe indlela yonke. Sazithola sesisemnyango wendawo lapho ayehlala khona.