Utshwala, amaculo nezixakaxaka

Ngomunye unyaka, umngane wami uThembi, washonelwa umyeni wakhe. Umyeni wakhe sasazi-ke ukuthi vele usenomunye umfazi ahlala naye. Kwadingeka ukuthi uThembi ayohlala emakhandleleni njengoba naye kungumyeni wakhe.

Ngelanga lomngcwabo kwathi phakathi nendawo kusakhuluma umfundisi, kwezwakala intombazana ithi, “Heyi, umalume wami lo. Nami ngifuna ukukhuluma.”

Sithe sisathi sisalalele, kwaqhamuka omunye wathi, “Heyi, ubethi uma exoshwa ngezibhamu la, eshiselwa umuzi, abalekele kwami. Ngeke ngingakwazi ukukhuluma mhla engcwatshwa.”

Kwaxokozela manje endlini. Oyedwa waqala iculo lakhe. Wayedwa othi, “Ngiyakushaya manje.” Sangabe sisazi ukuthi umngcwabo noma yini. Wayedwa othi, “Lingamane lingaphumi lelibhokisi.”

Oh, nansi indaba enkulu. Saphuma salindela phandle. Asisazi ukuthi kwenzekani manje. Nabanye baphuma kanjalo. Saze sahamba ngoba sekuyiwa emathuneni.

***

Unkosikazi wesithathu

Safika emathuneni. Kusathiwa kuhleliwe, kuphakathi nokuthi manje selizokwehla ibhokisi, hawu, nansi imoto ima eduzane. Kwehle unkosikazi. Uzimboze ngetshali. Eze unkosikazi, eze. Kuthiwe asigudluke. Sigudluke. Afike ahlale phansi laphaya eduzane kwebhokisi naye. Babe bathathu-ke manje.

Hayi yaqala-ke manje futhi indaba. Uyakhala naye. Sonke sididekile ukuthi kanti kwenzekani. Sekuphelile ukungcwaba, sahamba saya khona ekhaya la kushonwe khona. Sifuna ukubona ukuthi lendaba izophela kanjani.

Three wives

UNamba 1, 2 no3

Sahamba sesiyogeza izandla. Amakhosikazi omathathu nawo nanka. Njengesiko kufanele ayogeza, angene eshaweni yamanzi abandayo ngaphambi kokuthi angene endlini.

Baqala babangisana manje. Omunye athi, “Yimi ozongena kuqala eshaweni ngoba bengihlala naye.” Ofike kamuva athi, “Ngeke ukubone lokho. Yimi inkosikazi yakhe yomthetho.” Sebebizwa ngokuthi uNamba 1, noNamba 2 noNamba 3.

Uma sesizwa, kuthiwa lonkosikazi ofike sisemathuneni uyena omdala, owayeshadiwe. Yehla indoda yeza la eThekwini. Yafike yashada noThembi. Ayimtsheli ukuthi ishadile le ekhaya. Bathe uma behlukana noThembi yase ithatha lo esimfice la ekhaya, ebisihlala naye.

Kuhlaliwe kanjalo-ke. Sekunomsindo ungeke usho ukuthi bekungcwatshwa. Uyabangwa lomuntu. Nasebusuku emlindelweni kuthiwa indodana yalonkosikazi omunye ike yakhahlela nebhokisi. Ithi kunjenje ngenxa yakhe lo, uyise.

Hayi, ngeke ngiwukhohlwe lomgcwabo!