“Khokhiwe ngikusho okokugcina manje lokhu, ngithi kuwe udliwa yini?” washo wasukuma uMaZungu esihlalweni wama ngezinyawo.

“Ngikhulelwe mama,” washo ngeliphansi uKhokhiwe ebhekise ikhanda phansi.

Wababaza uMandisa waqeda wasuka ngaso leso sikhathi wabashiya.

“Ini, uthini kimi Khokhiwe?” athule uKhokhiwe angaphenduli. “Khokhiwe yazi uyanginyanyisa,” amusikaze ngempama unina agoqane uKhokhiwe. “Suka la phamb kwamehlo ami ngingaze ngenze into engizozisola ngayo, ngane embi engalaleli.”

Asukume bandla uKhokhiwe adlule phambi kwakhe unina, amududule ngayo impama esiphundu adiyazele acishe ukuwa Nkosi yami uKhokhiwe.

UKhokhiwe wayenza ibanga leshumi nanye, engeve ehlakaniphile esikoleni. Ngempela iKhiwane elihle ligcwala izimpethu. Wahamba wayolala inhliziyo yakhe iqaqamba uKhokhiwe, wadliwa yimicabango eyenza ukuthi ubuthongo bungafiki aqwashe cishe ubusuku bonke. Ubuthongo baze bafika sekusa impela nokwenza walala engathi ufile.

UKhokhiwe waze wavuswa udadewabo ekuseni emutshela ukuthi ubaba wakhe uyamubiza. Wethuka wacishe woma uKhokhiwe uma ezwa elikababa wakhe ombizayo, nokho wazihudula waya khona. Uza nje ulindele lukhulu. Uyise wayesesuke wabeka amathemba akhe kuye kakhulu ngenxa nje yezinga lokuhlakanipha kwakhe esikoleni.

Ngaze ngakuphoxa kodwa baba wami yeka ukungithanda kwakho, yena indlela oziqhenya ngayo ngami, wo hhe ithi ingaba nkulu ingabe isazekeka. Wayecabanga ngale ndlela uKhokhiwe ngenkathi eya kuyise. Uqhamuka nje uyabona kusenezikhwama lapha phansi okusho ukuthi uqeda kufika uyise, abone nenjabulo egcwala ebusweni bukayise uma emubona abone ukuthi cha okusho ukuthi unina akakasho lutho kuyise.

“Sawubona baba,” kubingelela uKhokhiwe ngesikhulu isizotha lesi.

“Awu ndodakazi yami enhle woza kubaba,” wayibeka esifubeni sakhe uSkhakhane indodakazi yakhe, wamubamba wamuqinisa uyise uKhokhiwe kwakungenzeka ukuthi umubamba okokugcina. Bahlala phansi-ke ngemuva kwalokho njengomndeni.

“Bantabami yazi kunephupho elingibelesele lapha, ngiphupha engane enhle kakhulu lengane kusuke kumnyama ezweni bese yona iyakhanya kukhanye izwe lonke, ingane encane. Leli phupho libuya njalo, ngabe akukho ukuzisola nje kuwe mkami?” asho abheke umkakhe uSkhakhane.

Ahleke usulu uMaZungu.

“Hhawu uthi ngisengathola umntwana kodwa mina baba sengimudala kangaka, mhlawumbe usuke uphuphela abanye nje ondlebe kazizwa,” sho aklonyoloze uKhokhiwe ngehlo elibi uMaZungu, ngenhlanhla angakunaki usokhaya lokhu. Kuwo lowo mnyama azizwe zishisa emehlweni uKhokhiwe izinyembezi. UKhokhiwe wayenezinyembezi eziseduze kakhulu, wayeshesha kakhulu ukukhala. Abone kungcono ukuthi abashiye zingaze zehle izinyembezi.

“Ngizobe ngisekameleni lami uma ubaba engidinga,” asho asukume uKhokhiwe.

“Nam ake ngihambe ngiyocambalala, ukukhathala lokhu kumi ngenhla,” asukume naye uSkhakhane.

Kudlule amahora amubalwa uKhokhiwe aphinde futhi ezwe uMandisa esemutshela ukuthi uyise uyamubiza. Kulokhu-ke umubizela ekameleni lakhe, azihudule futhi uKhokhiwe aye khona.

“Khokhiwe kwenzenjani ngane yami?” imumangaze uKhokhiwe indlela uyise aluthatha ngayo loludaba kanti yena ubelindele ukuthi uzovutha uyise.

“Ngyaxolisa baba ngiyazi ngikuphoxile, ngicela ungixolele bekungesiyo inhloso,”

“Ungiphoxe ngani mntanami?”

“Hawu! Kanti umama akakakutsheli yini baba?”

“Cha unyoko akangitshelanga lutho mntanami, into nje ngisuke ngathi ngyacambalala kwafika isithongwane kwabuya lelo phupho ebengike nganitshela ngalo. Kodwa kulokhu le ngane ibiphethwe uwe kodwa ukhala kakhulu manje ngyabona khona okungahambi kahle.”

Athule uKhokhiwe avele ajame manje, kuze kuthathe yena uyise lapho abegcine khona.

“Kwenzenjani, ngabe kukhona okukuphatha kabi lapha ekhaya, ngabe kusesikoleni, nga…” amungene emlonyeni uKhokhiwe uyise esakhuluma.

“Ngikhulelwe baba,”

Ashintshe ngawo lowo mzuzu uSkhakhane, uKhokhiwe wayengakaze empilweni yakhe amubone ecasuke ngaloluyahlobo.

“Ini? Uthini kimi Khokhiwe?”

“Ngiyaxolisa baba,”

“Uxolisa ukunuka? Lalela kusasa ekuseni ngizohamba kukhona lapho ngizoya khona uma ngibuya angifuni ukukufica lapha emuzini wami. Ngifuna uthathe amanikiniki akho uphume uphele la emzini wami. Ukuthi uyaphi uzozibonela muthanda uye esokeni lakho lelo,”

Ngalo mzuzu zase zehla izinyembezi kuKhokhiwe.

“Kodwa baba,”

“Yeyi! Ungangiphenduli, suka futhi la phambi kobuso bami ngingaze ngikuphihlize ngiboshwe,”

Wayewuthele phansi umzimba uKhokhiwe esuka ekameleni likayise eya kwelakhe eyoqala ukuqoqa izimpahla zakhe, wawubona umhlaba uncipha uba ngangesandla sakhe. Waqalekisa usuku azalwa ngalo.

***

Sitshele: Ungenza njani manje ukuba ubunguKholiwe?