“Uhambe kahle, mhlobo wami. Ngizohlale ngikukhumbula namahlaya akho,” kusho uMaNgcobo ebuka indodakazi yakhe ihlikihla uBaba uKubheka emhlane. “Ulale ngoxolo MaKhumalo, siyawazi amagalelo akho. Izeluleko zakho zangisiza kakhulu, ngahlala kahle emzini nomyeni wami oqotho.”

“Kuzomele uqine, nkosikazi. Uma uqhuba kanje, uzokhalisa uNtokozo uma efika,” kusho uBaba uKubheka ebuka umkakhe.

“Ngizozama, Baba,” kuphendula uMaNgcobo ngezwi elidabukisayo. “Bengihleka naye kuthangi ocingweni uMaKhumalo kodwa manje akasekho!”

“Ngiyakuzwa, nkosikazi. Okwenzekile kuyethusa ngempela. Kuzothatha isikhathi eside ukuthi akwamukele uNtokozo. Ngicela uyeke ukubalisa kanje uma esefikile ukuze ungamkhalisi kakhulu. Qina ume isibindi, konke kuzodlula,” kusho uBaba uKubheka ebuka izinyembezi emehlweni kaMaNgcobo. “Noma kungabuhlungu kangakanani, kepha kumele sixole, sikudlulise. UJesu Krestu uma ekhuluma nabafundi bakhe, uthi, ‘Ngavela kuBaba. Ngizobuyela kuBaba, kepha anginishiyi nodwa, nginishiya nomduduzi onguMoya oNgcwele.’ Kanti like lathi izwi, olungileyo uyabhubha, akekho okubeka enhliziyweni; abantu abanomusa bayasuswa, kungaqondi muntu. Olungileyo uyasuswa ebubini, angene ekuthuleni; abahambe ngobuqotho bayakuphumula embhedeni yabo. Useliqedile ibanga lakhe uMaKhumalo, asixole simkhulule, alale ngokuthula noma yena ehambe ngesandla somuntu nje. Uma sekunje, thina makholwa asifanele ukumangala, sibe nemibuzo eminingi ngoba siyazi ukuthi asihleli kulelizwe. Uma sisakuwona lomzimba, sehlukene nekhaya eliseNkosini. Ngakho siyabubula, silangazelela ukwelakanyiswa. Wakunqoba ukufa uJesu Kristu ngokufa nokuvuka kwakhe. Ngakho nginethemba lokuthi siyophinde sibonane embusweni kaBaba uNkulunkulu, sesiphila ingunaphakade.”

Abambe izinyembezi ngezinkophe uMaNgcobo. Bahlezi ngaphansi komthunzi wesihlahla samapentshisi. UMaNgcobo uhlezi ecansini, uluka ijezi ebe ebuka kwaKhumalo.

“Khona kunjalo, Baba. Ukuthi bengingalindele nhlobo ukuthola izindaba ezinjena. Ukugcina kwami ukukhuluma naye wathi usayovela ekhaya kubo eNgogo.”

“Ukufa kufika njengesela, nkosikazi. Ingakho kumele sihlale sikulindele, izindlela zethu zihlale zisekukhanyeni, siphume ebumnyameni.”

“Kunjalo, Baba,” kuvuma uMaNgcobo.

Abuke indodakazi yakhe yokugcina iza nethileyi elinamakhekhe asepuleyitini, ujeke ogcwaliswe ngojusi kanye nezingilazi ezimbili.

“Sizohlale silindile, Baba. Sizolokhu sizibukile nje lezingane zivivinya ukholo lwethu. Buka nje sekubulawe isalukazi kabuhlungu, umkhombi wendlela, umuntu wezibusiso. Kanti sekwabanjani emhlabeni? Yona lendoda kumele ifele ngaphakathi ejele, ingaphinde iphume ngaphandle,” kuqhubeka uMaNgcobo, amukele ithileyi eliphethwe indodakazi yakhe. “Engikubone namhlanje, kuyethusa impela. Igazi linaphazeke indlu yonke!” aguqe ngamadolo, athele ujusi ezingilazini. “Ingabe uyoke alale ngokuthula yini uMaKhumalo?”

“Ngokomthetho, kumele angaphinde anyathele ngaphandle. Umfanele umdilika jele lomlisa oboshiwe,” kusho uBaba uKubheka, emukela ingilazi egcwaliswe ngojusi. “Miningi imphefumulo esihlukene nenyama ngenxa yakhe lomlisa.”

“Kunjalo, Baba.”

“Inkinga sekuzoba yiwona umthetho walelizwe ngoba uke uvune onecala ujikele ohlukumezekile,” kusho uBaba uKubheka ebuka imoto ebomvu ima phambi kwesango lakwakhe. “Wazibonela nawe ukuthi kwenzekani kunkosikazi kaMhlongo edlengulwa ngumfana wakwaShabalala. Waboshwa, waphuma ngakusasa, wabulala uMhlongo nomkakhe. Namanje usachanasa ngaphandle umfana. Kuzomele sikhuleke kakhulu nkosikazi, angayitholi nhlobo ibheyili loyamlisa. Uma kuqhubeka kanje, kumele sibuye isigwebo sentambo!” abuke umzukulu wakhe ehlika emotweni nothisha wakhe. “Akanawo nhlobo unembeza, ungabulala umuntu uze umcwiye. Akadingeki nhlobo emphakathini lomlisa, isilwane uqobo lwaso!”

“Yebo, Baba. Akasadingeki nhlobo emphakathini,” kufakaza uMaNgcobo, athathe ingilazi enojusi, aphuze. “Ukufika kwaSipho ezoqhasha, ngabuka ukukhuseleka kwakhe uMaKhumalo. Kodwa lendoda ingene kukhona umuntu wesilisa ekhaya, unesibindi esibi kabi lomuntu!” esho ephefumulela phezulu, efikelwa ukushisa. “Kwakungekho kuhle ukuthi umuntu omdala ahlale yedwa. Namaroto ebesedlangile emphakathini. Kubi impela okwenzekile, sangezwa nokumemeza okuncane nje kwabo.”

“Kodwa akuqondakali kahle okwenzekile, nkosikazi,” kusho uBaba uKubheka enikina ikhanda. “Kuyangixaka ngoba abathathanga lutho. Bambulale bashiya imoto enhle kangaka,” esho ebuka egcekeni lakwaKhumalo. “Akujwayelekile nhlobo. Ingabe bekuyini inhloso yakhe lomlisa ngoba nelakhe ihhashi lihle? Okusho khona ukuthi naye udla izambane likapondo.”

“Bengingakunakile yazi lokho, Baba,” kusho uMaNgcobo ebuka umnyeni wakhe ephunga ujusi. “Kodwa-ke, uyazi nawe ukuthi umona usuka esweni!”

***

Sitshele umbono wakho: UBaba uKubheka uthi, “Inkinga sekuzoba yiwona umthetho walelizwe ngoba uke uvune onecala ujikele ohlukumezekile.” Uyavumelana noma awuvumelani nalokhu?