“Namuhla ngizothi kuwe, hlolisisa izinqumo ozithathayo empilweni yakho ukuze ungazitholi usungafanelekile ukungena embusweni kaBaba uNkulunkulu! Ukuhlala esonweni kunciphisa izinsuku zakho zokuphila emhlabeni,” kucabanga uMaKhumalo ekhumbula amazwi ayeshiwo ngumfundisi Zikalala emasontweni amathathu adlule.

“Ingabe into engizoyithini lena?” kubuza uMaKhumalo ekhulumela phansi, abuke uSakhile efaka izigubhu ezigcwele imithi evenini likaBaba uMbatha. “Omakhelwane sebezongibuka kanjani nje? Yena lomlisa ungowaphi aze angene kwami aphule isicabha? Waze waluphazamisa uhlelo. Ingabe uShandu usazongikhokhela yini?” anxaphe ebe enikina ikhanda. “Kungenzeka yini kube ngumngani kaBhungane waseGoli? Bekumele silubambe ucingo lukaBhungane ukuze angazifikeli yena mathupha lomlisa. Kodwa besesithini kuye?”

“Uma uJehova edlulisa umyalo kuMose, uthi kuye, ‘Uma nilalela ngokulalela izwi lami, ningcine isivumelwano sami, niyakuba yigugu kimi, kunazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami, nibe ngumbuso wabapristi kimi, nesizwe esingcwele.’”

Ahlengezele izinyembezi njengoba ekhumbula amazwi kaMfundisi Zikalala.

“Lalela izwi likaBaba uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe yonke. UJehova ekhuluma noJoshuwa, uthi kuye, ‘Lencwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle.’ Lalela, umvuzo wokuhlala kuBaba uNkulunkulu muhle kakhulu! Noma isimo singavumi, hlala kuye, usuke kokwezwe! Uma sisahleli ezintweni zezwe, siyafana nabafileyo! Zisindise nawe, buyela kuBaba uNkulunkulu, suka kokwezwe ufune okwaphezulu! A wise man once said to me, chasing materialistic things will ruin your life! Don’t seek materialistic things, seek God. He provides!”

Agwinye amathe uMaKhumalo, “Uze ungixolele, Nkosi. Ngiwuphulile umyalo wakho. Ingabe umzukulu wami useyofundiswa ngubani unyuvesi?” azibuze ngezwi eliphansi, amehlo akhe agcwele izinyembezi. “Ngenxa yokuthanda imali, imiphefumulo emithathu yehlukene nenyama negazi. Ohhe, insizwa ebithobeke kangaka ayisekho emhlabeni. Ebenomusa umtanomuntu. Emazisa kakhulu omunye umuntu.”

“Mama, ngithe mangibona nazi izingubo ezinhle, ngavele ngacabanga wena. Usize wembathe, Mntungwa,” uMaKhumalo ecabanga amazwi ayeshiwo nguSipho mhla emthengele izingubo zokulala edolobheni. “Njengoba kusondela ubusika, uzithathe uzigoqe ngazo. Abanye bazothi bekhala ngamakhaza, wena uzobe uhleka wedwa ufudumele.”

Zehlele ezihlathini izinyembezi zakhe njengamanzi egeleza odongeni eya emfuleni.

“Sipho, ngane yami, lapho ukhona ngicela ungixolele,” kusho uMaKhumalo ekhulumela phansi. “Ngangithi ngizoceba ngalesenzo kanti angibuzanga elangeni! Njengoba lisho nje izwi, mtanami, kunezindlela ezibukeka zizinhle emehlweni ethu kanti isiphetho asisihle. Nami ngangithi ngenza okulungile, kanti ngizigwaza ngowami umkhonto, ngakhetha imadlana kunempilo yakho. Ngawe bengicebile, nakhoke usuthola indawo yakho, kwavuka inhliziyo embi kimi. Ngicela uxolo, ulale ngokuthula, Bhungane omuhle. Ubuyisibusiso kweyami impilo.”

“Deda kokubi ubuyele kuKristu, ufune ubuso bakhe. Suka esonweni ukuze ube yigugu kuye. Asikwazi ukwenza eyethu intando uma sifuna ukuphila isikhathi eside emhlabeni. Sisentendeni yesandla sakhe, ngimile lapha bazalwane, ukuhlala esonweni kunciphisa izinsuku zokuphila emhlabeni. Kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso KaNkulunkulu na?” azesule izinyembezi uMaKhumalo njengoba ekhumbula lamazwi. “UJohane uMbhapathizi eshumayela ehlane laseJudiya, uthi phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele! Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde.”

“O Nkosi, ngicela uxolo,” kusho uMaKhumalo ebuka izandla zakhe, uyajuluka manje. “Ngiyazi ngikonile Baba, impela imali iyimpande yesono. Singifanele isihogo, ngiyakuzonda ukuhlupheka, ngabe konke lokhu akwenzekanga. Ngaze ngayibulala imiphefumulo engenacala.”

Azesule izinyembezi. Selimanzi iphinifa lakhe esifubeni ngenxa izinyembezi.

“Kodwa ngizothini kuMbatha ngoba ngiyayidinga imali. Sekuzoqansela kakhulu futhi manje njengoba engasekho uBhungane. Uma ngiyithola imali, kuzomele ngiyibeke endaweni efihlekile, ngazise yena uNtokozo ukuthi ngiyibekephi! Uma engibopha amaphoyisa, kumele ngibe sengimfonele. Ingabe uyoke angixolele yini uNtokozo njengoba ebemkhonze kangaka uBhungane? Ngiyoliqala kanjani kodwa loludaba kuye? Mm, yahamba insizwa enhle, umkhwenyana wakwami bandla. Ebelungile umntanomuntu. Ayolala amaqhawe, zosala izibongo zawo. Okubi nje yikho ukuthi wangibona ukuthi nami ngikhona kulelitulo.”

***

Sitshele umbono wakho: Iyiphi indima ocabanga ukuthi uMaKhumalo uyidlalile ekufeni kukaSipho Hadebe? Ucabanga ukuthi ubefuna ukuzuza ngayiphi indlela?