UMhlengi kumuphatha kabuhlungu ukuhlukunyezwa uthando. Uzibuza njalo ukuthi, “Kwenziwa yini injabulo yothando iyimvela kancane empilweni yami? Kungani ngihleze ngihlangana nabantu abangiphula inhliziyo kodwa mina ngenza izenzo ezinhle, ngibaphatha kahle abantu?”

Ekuseni uMaNtombela umangele ukuthi ukuphi uMhlengi. Selokhu emgcine ephuthuma esibhedlela emuva kokuthola ucingo oluphuthumayo oluthi uMbali uyateta. Uthe esabhukuda kuleyo micabango uMaNtombela wethuka esebona uMhlengi phambi kwakhe. Mubi ngenkani uMhlengi namhlanje kwazise kade ekhala ubusuku bonke. Amehlo kaMhlengi abomvu avuvukele, akazange alale.

UMhlengi akazi uzothini kumama wakhe ngalesi sehlo. Phela uMaNtombela wake wamuxwayisa ngoMbali.

Uwakhumbula njengoba enjalo amazwi kamama wakhe uMhlengi. UMaNtombela wake waphimisa wathi, “Kukhona into engahlangani ngaloMbali wakho. Ngimbona sengathi uyisigebengu.”

Kodwa akazange azishaye ndiva izixwayiso zikanina ngoba ekhungethwe uthando lwesiphalaphala sakhe esinguMbali. UMhlengi ukhumbula mhla umama wakhe emuxoxela ngezigemegeme ezamuhlukanisa noMbhuleni, ubaba wakhe owabuya ekhaya esebuya ngebhokisi. UMhlengi unikina ikhanda, asole ukuthi baqalekisiwe kwezothando benonina.

“Kwenzenjani, Mhlengi? Awuyi yini emsebenzini?” kubuza uMaNtombela. “Yini ekukhalisayo ngoba kufanele ngabe ujabulile? Uthole ingane yakho yokuqala ozibone ngayo ukuthi nawe ungumuntu”

Wahluleka ukuphendula uMhlengi. Uphendula ngokuthela unina ngemvula yezinyembezi.

“Kwenzenjani, Mhlengi, mntamami?” kubuza uMaNtombela emangele.

Uphuma ngejubane uMhlengi, ashiye uMaNtombela ekhamisile.

UMaNtombela ukhathazekile ngoMhlengi onguzinyo bulala wakhe. Kwathi eshada noMbhuleni ubaba kaMhlengi, wathola yena kuqala. Kwaletha intokozo enkulu emzini wakwaMthethwa ukuzalwa kukaMhlengi. Inkinga yaqala lapho ubaba kaMhlengi elahlakelwa umsebenzi. Waguquka uMbhuleni. Washaqeka uMaNtombela ebona umkhwenyana wakhe owayenothando nempatho emnandi ephenduka indlavini enolaka. Kwiqiqi uMbhuleni wanyamalala waphelela phambi kwamehlo kuhle kwezithukuthuku zenja ziphelela emoyeni.

Akuphelanga sikhathi bezwa kuthiwa uMbhuleni usenenye ingane komunye umama. Wathi uma uMaNtombela emubuza kwabe usewuchithile umuzi wakhe. Wasala yedwa uMaNtombela wazikhulisela uMhlengi ezitabalasela. Manje njenjoba uMaNtombela ebona uMhlengi ehlukumezekile kubuya umunyu kwakuyena. Kuvuka izilonda zakudala abecabanga ukuthi sezaphola.

Uqonda e-backroom kaMhlengi uMaNtombela, angqongqoze.

“Vula, ndodana,” kuncenga uMaNtombela. “Ngivulele ngizwe ukuthi kwenzenjani. Yini le ekuhlukumeza umphefumulo, mntanami?”

“Ma, ungigilile uMbali,” kusho uMhlengi evula isicabha, esula izinyembezi. “Ubemithi ingane yomunye umuntu. Lengane ayizalile impofu sengathi umlungu.”

“Hawu kodwa Simakade!” kubabaza uMaNtombela ebamba idodana yakhe eyiduduza.

Njengoba ebambe uMhlengi nje kukhona imicabango eminingi egijima ekhanda likaMaNtombela. Uyakhumbula ukuthi wake wabona uMbali esemotweni yendodana kaMbhuleni ayithola ngaphandle. Lokhu kwenzeka izihlandlana futhi kwenzeka uMbali engakathandani noMhlengi. Lendodana kaMbhuleni yangaphandle, uSphelele, impofu ngebala sengathi ikhaladi. Lento ayicabangayo uMaNtombela akafuni ukuyiphimisa ngoba esaba ukuphula uMhlengi inhliziyo. Futhi akanaso isiqiniseko sokuthi ingane ezalwe uMbali eyalendodana kaMbhuleni yangaphandle.

“Mhlengi, uthi ingane impofu ngebala?” kubuza uMaNtombela.

“Yebo, mama. Futhi ayifani noMbali, ayifani nami,” kusho uMhlengi.

“Umbuzile uMbali ukuthi eyakuphi lengane?”

“Angifuni nokwazi, ma,” uMhlengi uphendula ngokuhluthuka.

Lombuzo wokugcina kaMaNtombela ulokhu umudla ngaphakathi usuku lonke uMhlengi. Wona neminye imibuzo usho ukuphambanisa ingqondo kaMhlengi. Ntambama uqonda kuMbali esibhedlela. Ufuna izimpendulo ngalemibuzo anayo.

UMhlengi ufica uMbali ehleli yedwa, ingekho ingane. Ubuka esandleni saMbali sokunxele abone indandatho kanokusho yedayimane. Kuthi esaxakwe indandatho, abone izimbali ezibomvu etafuleni elincane eceleni kombhede.

“Kuqhamukaphi konke lokhu, Mbali?” kubuza uMhlengi eshwaqile ebusweni. “Wena Mbali awunawo umndeni oseduze futhi awunabo abangani. Phendula, Mbali!”

Esabuza kanjalo, umoya unyuka eqala ukucasuka, abone kungena indoda empofu ewadini. Lendoda iyama ikhulume nodokotela ngasesicabheni. Noma kungathiwani uSphelele lo ambonayo, umfowabo ompofu sengathi ikhaladi. Usamangele ukuthi ufunani lapha uSphelele, ehlise amehlo agcine esandleni sobunxele samfowabo. Abone indandatho yomshado yegolide.

UMhlengi uphendukela kuMbali. “Kanti ushadile, Mbali?” ubuza ehlengezela izinyembezi.

“Yebo, Mhlengi. Ngishadile,” kuphendula uMbali sakuhleba.

Uzizwa efudumala umzimba uMhlengi. Negazi liyamshiya.

“Kodwa wangitshela ukuthi ingane eyami,” kusho uMhlengi.

“Mhlengi,” kusho uMbali ekhophoza. “Bengisaba ukukhulisa ingane ngedwa. Phela ngesikhathi sihlangana umyeni wami ubengafuni lutho olungihlanganisa naye.”

Usho lokhu nje uMbali ujeqeza uSphelele. Naye uSphelele uyabukisisa njengoba ekhuluma nodokotela. Uyazibuza ukuthi uMbali uhlangana kanjani noMhlengi.