UMhlengi uzulelwa ikhanda. Uphelelwa amazwi angazi ukuthi kufanele athini. Yebo uSphelele abazwani naye ngenxa yezenzo zabazali kodwa ukujola nomfazi kamfowabo kuyinto angasoze ayenza.

USphelele umpofu ngebala, uthathe ibala lika mama wakhe, uMirriam. Leligama elithi Sphelele waliqanjwa ubaba wakhe uMbhuleni ngesikhathi ezalwa. Wakucacisa uMbhuleni ukuthi umndeni wakhe ima usuphelela ngokuzalwa kukaSphelele. UMbhuleni walahla uMhlengi noMaNtombela wayohlala nomndeni wakhe omusha okunguSphelele nomama wakhe uMirriam. Yikho konke lokhu okwenza uSphelele azibone engcono kunoMhlengi. Ufundiswe enyuvesi ussebenza umsebenzi we-IT.

Uphuma ngokushesha ewadini uMhlengi. Baphambana esicabheni noSphelele.

“Kwenzakalani lapha? Ukhulumani nonkosikazi wami, Mhlengi?” kubuza uSphelele ebuka uMhlengi phansi phezulu.

UMhlengi akaphenduli, ugcwele usizi ebusweni. USphelele usuka ngokushesha aqonde kuMbali.

“Mbali kwenzakalani? Uthini uMhlengi kuwena? Umazelaphi lomahlalela?” kubuza uSphelele engakafiki kuMbali.

UMhlengi ukuzwa lokhu eseyophuma ngesicabha, akalindi ngoba uyamazi unolaka uSphelele. Uthemba ukuthi uMbali uzokwazi ukuziphendulela. Uhamba esula izinyembezi indlela yonke ephindela ekhaya. Ungena endlini azijikijele ku-sofa.

“Wabukeka ukhathele, Mhlengi, futhi ukhungathekile, kwenzenjani?” kubuza uMaNtombela.

“Mama, ngiyazisola ukuthi angiwalalelanga ngani amazwi akho. Ngiyawakhumbula manje, ngempela uthando aluboni,” kusho uMhlengi ehlahle amehlo. Ucweba izinyembezi, “Mama ngithole ukuthi uMbali ushadile. Futhi okukhulu ukuthi ushade noSphelele indodana kababa.”

“Hawu kodwa, Smakade!” kubabaza uMaNtombela.

Uthuka ome uma ezwa lento eshiwo uMhlengi.

“Yaze yabuhlungu inhliziyo yami, Mhlengi.” Kusho uMaNtombela enikina ikhanda. “UMbali usidalela inxabano enkulu njengoba wena wazi kahle kamhlophe ukuthi mina noMiriam siyinkukhu nempaka. Uyazi asifunani ngenxa kababa wakho. Lento ongitshela yona izodala ukuthi buchitheke bugayiwe. Futhi uyabazi ukuthi bayithanda kangakanani impi labantu bakuloya muzi, bangophumasilwe.”

Usehlinile uMaNtombela, kugcwele nokusaba ebusweni. Nguye osephatheke kabi ukudlula uMhlengi. Kumxake lokhu akubonayo uMhlengi.

“Mama, kwase kuba nguwe okhathazeke ukudlula mina manje. Yehlisa umoya,” kusho uMhlengi.

Uzama ukukhuluma nomama wakhe kodwa akasaphenduli uMaNtombela. Kuyacaca ukuthi ujulile ngemicabango, ukude.

Esibhedlela uSphelele ucasukile, use-pink ebusweni, uyafuthelana ulaka.

“WeMbali, wenzanani no Mhlengi? Sikwazelaphi lesibotho esizalwa ubaba?” kumemeza uSphelele.

“Lutho, Sphelele. UMhlengi umuntu engimaziyo nje kuphela. Ubezobheka omunye umuntu wadlula wangibona wabe esexoxa nami,” kusho uMbali ebheke phansi.

UMbali usaba nokumbuka uSphelele ngoba uyamazi ukuthi unguphumasilwe. Uyazi ukuthi uzohlanya uma ezwa ukuthi uMbali ujola noMhlengi ongumfowabo. UMbali useyazisola ngalento eyenzekile. Yena ubezijolela engazi ukuthi uMhlengi noSphelele bayazana nokuthi bayizihlobo. Wazibonela insizwa ensundu ngebala enesibongo esihlukile kwesikaSphelele. Yonke lemicabango izulazula ekhanda likaMbali. Nangu noSphelele ucasukile, umile phambi kwakhe ufuna izimpendulo.