Wahamba wangishiya nethemba lokuthi uzobuya
Ithemba owashiya ungifumbathise lona namanje lisafudumele buya
Mina angikalitholi ucingo oluphuma kwabakini oluthi usus’shiyile emhlabeni
Ngakho ngisanethemba lokuthi usazobuya

Bathi ithemba alibulali kodwa sengathi leli ongifumbathise lona linoshevu
Nakhu phela ngiyaphela kancane kancane
Noma mina ngingaphela kodwa elami ithemba alipheli
Nakhu phela ngisalifumbethe elokuthi usazongikhumbula ubuye

Buka phela le inkondlo eyakho
Ngihlezi nginaba ngizibhala izinkondlo
Kodwa le eyokudlulisa umyalezo wakho
Umyalezo ohamba nezinyembezi nenjabulo nothando nethemba

Nanku umyalezo wakho lalela
Mntanomuntu uthathe inhliziyo yami wangishiya nengozi engeqiwa ntwala
Wangishiya nempophoma yezinyembezi namanje engisabhukuda kuyo
Kodwa ithemba owashiya ungifumbathise lona namanje lisafudumele buya

Mina angeke ngiqede ukukhala
Nawe ngiyathemba usazolikhumbula elakho ikhaya ubuye
Kodwa ke ayikho inkinga
Mhla ubuya ngiyokuhlangabeza noma uyobe ungaphethe mthwalo
Kodwa ngiyathemba eyami inhliziyo iyobe ikhona

Ngiyokwamukela ngikwange
Ngikuphe uthanda ongakaze walubona
Bese ngikupha nesithembiso
Isithembiso sokuthi mina angisoze ngakushiya
Sengiphetha ngifisa ukukushiya…ngifisa ukukushiya nomyalezo wokugcina
Lalela nawu uyalandela
Mntanomuntu uze ungikhumbule ubuye ngakimi