Angiyena umbhali
Kodwa ngibheke ngacinga engingayifundela isthandwa sami kangayithola
Nganquma ukuthatha ipeni ngilobe eyami ngilandela eyami imizwa
Sthandwa sami awudluli nomzuzwana owodwa ngingakucabanganga
Wena ufike washukumisa izinto enhliziyweni yami
Akukho okuhleli konke kundizisa okwezinyoni emkhathini
Uthando lwakho kuphela olufike lwathi cababa lwathatha yonke indawo
Kwavele kwagcwala phama kweyami inhliziyo

UThando lwakho luyaphuphuma bheka seluchithekela ngaphandle
Wonke umuntu uyalubona
Wo hhe sizolufihla kanjani kubazali
Wena ufike waphelelisa la bengingazi ukuthi kuyashoda khona
Uma ngibona isthombe sakho amehlo athathekile yileli geza lensizwa
Wena nhliziyo yami sale usuthobela umthetho
Uthando lukunqobile
Ngoba akekho ongenke abone kuthi usuthole ikhaya
Ngoba ngisho nengane encane ayikwazi ukuziba lenjabulo ebhalwe ebusweni bakho
Uthando lunginqobile