Kungenzeka angilwazi uthando
Kungenzeka akaze ngaluthola
Mhlawumbe angidalelwanga uthando
Uthando alunaqiniso
Kubuhlungu ukuthanda
Kubuhlungu ukuba semathandweni
Angazi kungani
Kunothando olungenaqiso njalo
Uthando alunaqiniso uzinikezele
Kulona kodwa lona lungazinikezeli kuwe
Umthande umuntu kanti yena akanandaba nawe
Yazi uthando alunaqiniso njalo
Sengizwile thando
Sengikhathele nguwe
Angisayifuni into engihlanganisa
Nothando olungenaqiniso
Hhayi mina sengizwile
Uma ukuthanda kuzongiphula inhliziyo
Hhayi mina ngizwile
Sengiqedile kanti futhi sengidelile
Yazi uthando alunaqiniso