Umuntu engifisa sengathi angahlezi esenhliziyweni yami
Nguye ophethe izihluthulelo zenjabulo yami
Nginje nje ngangingenjena ngenxa yothando
Ngicela ukuba uthando lwethu luye kude
Izihlahla ezinhle eziluhlaza sezaze zoma nkwe!
Ngenxa yothando lwethu olunabantu abaningi phakathi
Inhliziyo yami ithokoma uthando ngenxa yakho
Ngizizwa nginenjabulo uma nginawe
Uhlezi usemcabangweni yami kanti futhi nase nhliziyweni yami
Uwena igugu nethemba lami
Ngaphandle kwakho angiyilutho
Ngiyakuthanda mntwanomuntu