Umalume wangilimaza
Wangizwisa ubuhlungu
Ngingu mshana wakhe ingane kadadewabo
Ngangithi ungithanda njengo mshana wakhe
Kanti umalume uzibonela intombi kimi
Isigqila socansi

Kodwa wawungenwe yini malume?
Ngikwenzeni?
Indlela ongikhombisa ngayo uthando le?
Kuyacaca uthando awulwazi futhi awusoze
Uzikhiphile enhliziyweni yami ngezenzo zakho

Ngaphakathi ngihlukumezekile
Kodwa wena awunankinga
Inhliziyo yami iyopha phakathi
Umoya wami udangele uphukile
Malume . . . Ngicela uvume isono sakho

Vuma malume khona ngizothola uxolo ngaphakathi
Awutshengisi naphawu lokuzisola
Kodwa uyahleka sengathi awenzanga lutho
Ngobani mina?
Phendula malume

Isigqila socansi
Iyona into owawungenza yona
Awukaze wangibona okomshana wakho
Uyofa esihogweni malume
Yebo angisoze ngakuxolela

Imina umshana wakho
Lona owamulimaza enhlizweni, engqondweni nase moyeni