Kwaba uMasingana sanethemba lempilo engcono
Kulonyaka lamaphupho amahle namathuba angcono
Nangu uNhlolanja ususiphinda usivezela ukuthi inkunzi isematholeni
Ebumnyameni siyahamba nasekukhanyeni siyahamba sithembeni
Sihamba ngenxa yethemba esinalo phakathi kithi elisiduduzile
Lasihola lasiphusha lisibhekise phambili siphokophelele empumelelweni
Mese kuba uNdasa amanzi sawazwa ngobhoko

Kunzima sanethemba nokukholwa okusiphushayo
Noma ugibe lukhona ngakithi umcuphi esicuphile ngogibe
UMbasa wavele wafaka usawoti esilondeni
Ukubona kanye kwaba ukubona kabilili nathi sasibabili
Unyaka uphela sisemakhaya nemindeni
Sihlezi kungelona neholidi

UKhuvethe usimbethe njengengubo wasizwisa esingakufisi
Sabona ifu elimnyama phezu kwezintaba zakwaZulu
Saba nokwesaba izwe lakwaZulu lagubhuzwela ifu elimnyama
Simnyama kodwa asimnyama singabase Afrika
SingamaZulu ngoba siphezulu
Kwathi uNhlaba wasikhombisa ukubaluleka komuthi ogotshwa usemanzi
Kuhlonishwana kabili
Owesilisa ahloniphe owesifazane
UNhlangulana wasihlangula kulolu sizi lwesikhathi
Singethokoze njenge washi
Intokozo yethu inobuhlungu namahloni
Intokozo inokusaba nokusabiswa
Nokuthula ngoba ifike ngomusa