Sasihamba sicula ebusuku
Sihamba ngobumnyama sibuya ngobumnyama
Kungekho okhuza omunye
Kungekho ophikisa omunye
Sonke sizenzela esikuthandile
Kungekho okhuzayo
Obukayo kungekho owayengakwenza
Sizincoma sithi phela thina siyoma
Kodwa khona ikhono sasinalo uma sizibona
Kanti isikhathi siyaphela
Okwesikhashana sindawonye
Kwakumnandi abantu bejabulile
Sihamba ebusuku izindlela zobumnyama sibuya ngobumnyama
Nathi simnyama
Sasijabulile nami ngiyavuma
Kungekho okhuza omunye
Kungekho ophikisa omunye
Sonke sizenzela esikuthandile
Kungekho okhuzayo
Kungekho no Khuzwayo kukhona okuphuzwayo
Sizincoma sithi phela thina siyoma
Sasihamba sicula ebusuku
Sihamba ngobumnyama sibuya ngobumnyama
Kungekho okhuzo munye
Kungekho ophikisa omunye
Sonke sizenzela esikuthandile
Kungekho okhuzayo
Obukayo kungekho owayengakwenza
Sizincoma sithi phela thina siyoma
Kodwa khona ikhono sasinalo uma sizibona
Kanti isikhathi siyaphela
Okwesikhashana sindawonye
Kwakumnandi abantu bejabulile
Sihamba ebusuku izindlela zobumnyama sibuya ngobumnyama
Nathi simnyama
Sasijabulile nami ngiyavuma
Kungekho okhuza omunye
Kungekho ophikisa omunye
Sonke sizenzela esikuthandile
Kungekho okhuzayo
Kungekho no Khuzwayo kukhona okuphuzwayo
Sizincoma sithi phela thina siyoma