Ngitabalasile ngizama ukulwisana
Nefiso ebesingidla amathumbu.
Sing’dlavuza kuhle kwenja ishwabadela
Iqatha lenyama enonile.

Ukufa kungihlulile manje sengiyabanda.
Umhlaba sengiyawufulathel’ okokugcina.
Ngithabatha uhambo lwami.
Ningakhali zingane zami.

Kukhona umuntu ozoniphatha kahle,
Ozonimisa idolo ngesikhathi sobunzima,
Ngiyanethembisa angeke nihlupheke.
Angek’ nilambe bantabam’ ukhona u-‘Avbob’

Yibona abazoniduduza futhi bangihambis’ kahle.
Ngicela imali niyisebenzis’ kahle.
Ningakhithizi izinto ezibizayo.
Nikhumbule ukuthi ikusas’ alaziwa.