Thula nhliziyo yami
Engani uyabazi ubuhlungu akuzwise bona
Engani uyazazi izibazi akushiye nazo
Pho kuyoba nini ulila ukhihla esikaNandi
Engani ukushiyile esebone abangcono
Alusekho ke ongakwenza
Kungcono uthule

Thula nhliziyo yami ungabe usabalisa
Ngiyazi ubunawo amaphupho
Ngiyazi futhi awuphakelwa
Kodwa kungcono uthule
Mhlawumbe beningadalelwene
Ngoba ukuba benidalelwene ubengeke akushiye

Kodwa nawe nhliziyo
Kungani ukhetha yena kwabaningi
Phezu kwalobuhlungu obungaka
Kungani ungamdedeli beyombona phambili
Engani ukugqeme engeqiwa ntwala
Ngezando nemicibisholo wasala ulimele
Ngisho ugxiza igazi uyala ukumdedela

Thula nhliziyo yami
Lokhu bekungekhona okwakho
Okwakho kuyeza kuhle futhi kukhulu
Kuzothoba kupholise onke lamanxeba
Ungabe usalila funda ukwamukela