Bafwethu ngiyaz’ aningazi
Ngangifis’ ukunibona nginiphathe
Ngangifis’ ukuniphatha ngize nginibelethe
Phel’ ukuba nabafoweth’ angikwazi

Bafowethu ningethuki ngingowakwenu
Ukufa kwasuke kwangithola ningakafiki
Umama nobab’ enganitshela
Yazi bengijabul’ uma ngibona niba izibusiso kulomshado
Phel’ umshado kamam’ ubusushoda ngendlalifa
Ngiyathokoz’ uma sekwaba khona wena Sibusiso noNosibusiso

Banewethu ngicel’ ukunithuma kumama nobaba
Ngiyakucela kayis’ ungidlulisele umbiko kubaba
Ngiyazi kuzoba nzima kodwa kufanele bekulalele
Uze ubatshel’ ukuthi ngicela bangifak’ ekhaya
Abakith’ abangiboni bath’ abalazi igama lami
Bathi lel’ engibizwa ngalo bayaleshwama
Ngisize kayise nami sengifun’ ukuba yingxenye yenu

Bafowethu laph’ engikhona ngisadunguz’ ehlane
Angikaze ngigezwe nhlobo
Selokhu ngabulaw’ angilandwanga
Ngicela nikhanyisel’ umama nobaba
Baland’ umzimba kuphela wasal’ umoya udunguza wodwa
Ngiyafis’ ukulandwa njengabantu bonke

BoNdukude ngiyazicelela ningakhohlwa
Uma nikhohlwa kuyobe kush’ ukulahla umnewenu
Chutshela siza kayise
Siza mina Siwisa nami ngizithole senginegama
Bafowethu ngiyanithanda nani ngithandeni