Zicebi zaseNingizumu Afrika
Niphila kanjani nomthwalo omngaka emahlombe
Sifika kanjani isiwombe sobuthongo
Nazi kahle ukuthi ubuphofu bokhokho bethu bulele ezandleni zenu
Nilala nithi ja lutho ukucabangela lo msizi
Ohlanza umuzi wakho mihla namalanga
Nezakhe izingane zilangazelela ukuya enyuvesi

Nidla nisuthe nithi mpu
Awusamcabangeni lo msebenzi osebenza
Ubusuku nemini eqiniseka ukuba inkampani yakho iyaphumelela
Awusamhlephuleli leso sinkwa sakho
Nangu elima egumba inhlabathi
Zilokhu zikhalile izikelemu
Ekhaya ushiye ikati lilele eziko
Avule imisele bese eyagqibela
Anisele ahlakule avune bese kudla wena

Amageja eniwabolekile mawabuyele ekhaya
Sekufike isikhathi sokutshala manje
Phumani nonke nezikhumba zenu
Isikhathi sokufaka phansi sifikile
Ngokuba uma ungabanga intuthwane
Uyakuzisola ngomhla ozayo

Nansi nemvula isifikile
Agcwala amadamu nemifula
Zakhula izitshalo, wathamba umhlabathi
Zathamba izinhliziyo
Lwakhula ukhula kwahlakulwa futhi
Laphuma ilanga lathi nka
Wahwamuka umhlabathi
Sabuya futhi isomiso

Izimbali zesizwe baba usiphucelani
Nangu ubaba uMadiba uyidlalile indima yakhe
Baningi abakhona abafana naye kodwa bayafa
Libi izwe esiphila kulo
Abanotho bathatha kulabo abangenalutho
Ube esathi uyakhangeza omunye ubaba
Ekhangeza impuphu yabantabakhe
Wafika ke usopolitiki wathi hlwi wathathela umzala wakhe

Ubesathi ugawula izibonda umfelokazi
Bafika abasemzini bathi ayigubhe
Ubengumfazi ohlakaniphileyo
Umfazi owakha umuzi wakhe
Ibisajabula enye intombazane ithi ithole
Umsebenzi kanti umphathi uzothi
Hlubula okugqokile wena wesifazane.
Wavele wanqaba lona wesifazane ngoba uyalwe kahle
Umphathi wavele wadonsa ingubo yakhe wayidabula
Wazitika wazitika wazitika
Kade ngilalele icala labo enkantolo
Ube esewina umphathi ngoba emhlabeni kukhuluma imali
Wavele wazilengisa uNozipho
Uyabona ngikutshelile ukuthi abalungile abaphili isikhathi eside

Sibuyiseleni okungokwethu bantu abamhlophe
Nakuthatha ngendluzula nodlame
Nasenza iziwula nathatha izinkomo zethu
Nasishintshela ngezipuni
Ningangivuseli ngegwebu buyiselani
Umhlaba kubaniniwo
Anikhathali ukuceba ngezinyembezi zabantu