Ngizwe ngiyamemeza
Angazi ngenzenjani ngifuna ukuphumelela
Ngivalelekile ngaphathi
Abantu bathi angilinde akukakabi isikhathi
Ngikhathele ngiqaqe
Angikhululekile ngiqaqe
Angifuni ukuzikhohlwa ukuthi ngubani
Ukulahlekelwa imina ngenxa yomhlaba ngobani
Ngizwe ngiyamemeza kodwa awungiboni
Lizwe izwi lami
Ngiyakhuluma ngithulula umphefumulo wami
Siza ngiyacela
Ngingaze ngishelwe izwi phela

Lekelela ngiyacela
Vele ngisho kuwena
Angizwakali yini
Sekungaze lishintshe izulu line
Line enhliziyweni yami
Kukhuphuke imizwa ngizibone ngingedwa endlini yami
Emphefumulweni wami
Kube sengathi anginamuntu ngibe nginekhaya lami
Umndeni wami uzibuze kwenzeke kanjani lokhu
Kube sengathi angishongo lutho kanti bekubukhuni

Ngimemezile ngifuna ungizwe
Wangishaya indiva wakhetha izwe
Manje itshe seliwile
Usufuna ngiphile
Mhlawumbe kungcono ngifile
Ngizamile ukufuna usizo ngiyile
Umuntu akakhulumi ngomlomo kuphela
Nangezenzo uyakhuluma futhi uyaphenduleka
Nginake, ngibone, ungizwe
Ngingaze ngiphose ithawula liwe