Nakuba ngingefakaza ngalo
Kodwa bathi, ayikho into emnandi njengokuthandwa ngumzali wakho.

Ngiyaphinda futhi ngithi ngizwa bethi uthando lomzali lujulile.
Nakuba ngingalwazi
Futhi ngingelwazi.
Kodwa abalwaziyo indlela abaluthokozela ngayo,
Ingenza ngifikelwe ukujabula.
Kodwa abadlala ngalo
Bathi angikhihle esikaNandi njengoba ngilulambele kangaka.

Lapho ngizwa bethi uthando lomzali lujulile.
Ngifisa sengathi nowami umzali usadla anhlamvana.
Lapho ngingephinde ngimbone,
Futhi kunzima ukwamukela ukuthi soze ngaluzwa uthando lomzali olujulile.

Nalapho bexoxa ngabazali babo
Ngingefakaze ngalutho
Ngoba phela angiyazi lento abayibabaza kangaka okuwuthando lomzali.

Nalapho omakhelwane,
Bezama ukungiseka
Bezama ukungibonisa uthando.
Cha, khona ibakhona injabulo yesikhashana.
Kodwa emuva kwemizuzwana kubuye ukuthi ngiyohlala ngizwa
Uthando lokuzwelwa.
Soze ngaluzwa uthando lomzali.

Nakuba kusinda kwehlela
Impilo kuyomele iqhubeke.
Sekuyomele ngitshele inhliziyo yami
Ukuthi ayixole.
Iyeke ukutefa ngoba akunanzuzo
Yalutho kodwa injabhiso yodwa.

Ngalamazwi ngizama ukuzikhotha amanxeba,
Ngizama ukwamukela.
Ngithi nhliziyo yami yobe
Yamukela isimo ngobusona
Soze waluzwa uthando lomzali.

Asithembe ukuthi ngenye imini
Uyoba ngumzali oqotho.
Lapho usuyothola khona ithuba
Lokunikeza izingane zakho
Uthando lomzali.
Kodwa okwamanje ngithi nxese nhliziyo yami yamukela
Soze waluzwa uthando lomzali.