Ngizohamba uzongikhumbula
Ngizolala kobandayo kuyonkeneneza elam’ igama kweyakho inkumbulo
Njengoba ungiphendula inhlekisa esigodini
Ngizodindibala ohleka nabo usulu bayokujikela njengobisi esiswini
Mtanami! Ngizofulathela uzokujikela esinyathela kuwo
Ongetha amagama uma unabo bazokuhlanuka
Kaze uyokhalela bani mhla zikunetha ezakho
Khona ngiyofisa ukungenelela kodwa kuyobe kungaphekwami
Ngiyoyizwa imihelo engayizwa ngikubeletha
Kodwa kuyodingeka uvune okuhlwanyelile
Ngiyokulangazelela ukukutakula kodwa ngiyobe ngingakuthandi
Ngizohamba uzongikhumbula
Ngizombozwa ngesihlabathi phambi kwakho
Uyofisa sengathi ngingazalwa kabusha
Njengoba ungikhipha inyumbazana usuku nosuku
Uyofisa sengathi wawagwinya ahlabayo owawaphimisa
Kodwa isikhathi siyoba singasekho kolwakho uhlangothi
Amazwi ayiziswana ongiphonsa ngawo
Ayokuhlukumeza uze uyongena egodini elimnyma
Uyoswela owokucasha mhla zikushaya ngezakho eziyozalwa nguwe
Ubuhlungu ongizwisa bona uyoshaywa ngabo ngokuphindaphindiwe
Uyofisa ukungivusa emzini wami wokugcina kodwa kuyobe sekwephuzile
Mtanami! Ngizwe uma ngithi ngizohamba uzongikhumbula