Ngidukelwe yimina ngihamba ngibheka mina
Ngasuka embhewini kababa
Ngazithola sengidunguza esibelethweni sikaMama
Ngathi ngisafudumala kamnandi
Ngazithola sengigodola la emhlabeni

Ngidukelwe yimina ngihamba ngibheka mina
Ngisizeni ningibhekise
Ngasuka ekhaya ngaya esikoleni
Ngahamba wonke amabanga
Ngaphuma nawo ngokuphelela kwawo
Ngaphezu kwako konke lokho
Ngaphinde ngaphelela endleleni

Ngidukelwe yimina ngihamba ngibheka mina
Ngihlangane nabantu engingabazi
Bathi bona bayangazi
Bathi bangabangani bami
Ngabacela ukuthi bame
Ngababekela udaba lwami
Ngoba vele indaba ingami

Ngidukelwe yimina ngihamba ngibheka mina
Ngize ngasinda ngisho ezingozini
Ngiguduze ngaze ngazithola emigedeni
Imigede engiguduze yangigulisa
Sengize ngiyahamba emhlabeni
Ngihamba ngibheka mina