Cosi cosi kwaphela ngaye
Kwasukasukela ngosizi lwakhe
Mama kwakhala ingane izwa amakhaza
Babazani ubumnyama sebuthwese phuzu kwakhe
M’bambeni ngezandla zombili
Wathi umbali kunzima sahleka isithameli
M’bambeni phambili ezwe okwazwiwa imbongi
Mhlawumbe indlela yinde kodwa yini ngathi ubuhlungu buthi iyasinda
Sengizwile ngom’qali wendlela ngingazi ngaye
Useqhenya engekho usehambile m’bambeni phambili uyothokomala
Esefana nomabona kude sekuzwiwa ngaye
Owu wacasha mqondo kanti wonakele
Umzali usefisa nela RIP ehlushwa yi 2000
Lizenza umdidiyeli oqaphile
Kanti selonile m’bambeni phambili
Kuthiwa hamba juba bayokuchutha phambili
Kanti kusasa usibekeleni na
M’bambeni phambili akasanaso isimilo
Useyaziwa ngesotha mlilo
Uyibamba ishisa injalo akadakwa
Koma tavern sewaba yindlovukazi
Kwathi angithi m’pholiseni amanxeba kwakuba awasanakuphola
M’bambeni phambili kungazi kubhibhe konke